Kutholwe izitho zomzimba zomfanyana (7) obenyamalele 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ukuthungathwa kukaPhilasande Shange (7) kuphele ngesikhathi umqhafazo ovela kumuntu ongaziwa uholela umndeni wakhe lapho okungcwatshwe khona isidumbu sakhe esicuyiwe.

UPhilasande uduke ngoLwesine endaweni yangakubo KwaDukuza enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Izakhamizi zaseMphithiza zisheshe zahlangana zaqala umkhankaso wokuthungatha lo mfanyana.

Ukuthungatha kwabo ngokungakhathali akuzange kube namiphumela njengoba amahora ephenduke izinsuku.

Balunywe indlebe ngeSonto ngesikhathi umndeni kaPhilasande uthola umqhafazo ovela kumuntu ongaziwa uchaza ukuthi bazomthola kuphi – ngaphandle kokusho ukuthi uyaphila yini noma ushonile.

Abeseshabalele wonke amathemba okuthola uPhilasande ephila ngesikhathi umndeni nezakhamizi befika endaweni enamahlathi eNtshawini. Phambi kwabo bekukhona ikhanda kanye nomlenze wesokudla kuphela kanti enye ingxenye yomzimba ayikatholakali.

Okunye okubhaliwe kulo mqhafazo otholwe umndeni wakwaShange bekungumyalelo wokuthi uphume endaweni yaseMphithiza kungenjalo amanye amalungu omndeni azobhekana nesiphetho esifanayo.

“Angazi ukuthi senzeni, kodwa kukhona abazimisele ngokusikhipha kule ndawo. Kubuhlungu ngoba ayikho enye indawo esingaya kuyo. Okubi kakhulu asazi ukuthi senzeni,” kusho ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa igama.

Lesi sigameko esinyantisa igazi sesenze abantu abaningi bashaqeka endaweni yonke futhi sishiye izakhamizi zisabela izimpilo zaxo.

UMnu Thami Sibisi obeyingxenye yokuthungatha uthe isigameko esifana nalesi siyaqala ukwenzeka kule ndawo.

“Umphakathi wonke ushaqekile. Kuyadabukisa lokhu,” kusho uSibisi.

Ikhansela lesigceme uVirginia Mwandle uthe: “Lesi isigameko esibuhlungu nesidabukisayo futhi izakhamizi eziningi zisabela izimpilo zazo ngoba asazi ukuthi abantu bangayenza kanjani into efana nalena enganeni encane kangaka.

Amaphoyisa aKwaDukuza athungatha abenzi bobubi.

“Amaphoyisa aKwaDukuza avule icala lokubulala kulandela ukutholakala kwezitho zomzimba womuntu emfudlaneni nasezikhotheni endaweni yaseNtshawini ngeSonto,” kusho okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda.

Kusaqhubeka ukuthungathwa kwezinye izitho zomzimba, kusho uNetshiunda.

Esithombeni esingenhla: UPhilasande Shange 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva