I-Nigeria ilahlekelwe umshayeli wokuqala wesifazane okwazi ukushayela ibhanoyi elinophephela emhlane.
Ibutho lezindiza e-Nigeria lizilele owesifazane obeshayela ibhanoyi elinophephela emhlane.
Umshayeli wamabhanoyi uTolulope Arotile kubikwe ukuthi ushone ngoLwesibili engozini yomgwaqo eyenzeke eduze nala okuqeqeshelwa khona ibutho labashayela amabhanoyi e-Nigeria e-Kaduna.
UArotile wajoyina ibutho lezindiza ngoMfumfu wonyaka wezi-2019, ngemuva kokuphothula izifundo zakhe eMelika naseNingizimu Afrika, kubika i-Premium Times.
Isikhulu sabashayela amabhanoyi uSadique Abubakar, uthe umsebenzi wakhe embuthweni wezindiza “ubumfishane kepha unomthelela omkhulu njengoba kubikwa ukuthi waba negalelo elikhulu emizameni yokususa izigelekeqe nezinye izinto zobugebengu ezindaweni ezingaphakathi neNyakatho”.
Izithombe: I-Premium Times / u-Facebook