Kushone abane kuqubuka umlilo emijondolo yase-Alexandra

Kushone abantu abane kwathi inqwaba yasala dengwane ingenamakhaya ezintathakusa zangoLwesithathu ekuseni ngemuva kokuqubuka komlilo emijondolo yase-Alexandra.

Lo mlilo ubangelwe yinhlansi ebisuka la okuxhunywe khona ugesi ngokungemthetho.

UKorotsoane Dominc Khama uthe ubuke umalume wakhe evutha eba umlotha ngemuva kokuzabalaza ukucima umlilo.

“Umalume wami uTankiso Johannes Khama ubelele.

“Ngesikhathi umlilo uqala ngaphandle komjondolo kaTankiso, yena nabantu abaningi bebevele belele. Umjondolo wakhe ube ngowokuqala ukushiswa ngumlilo. “

Umlilo usabalale ngokushesha ngaphandle kokulawuleka washiya abantu abane beshonile nabantu abaningi emakhazeni.

Lokhu kwenzeka nje esikhathini esingaphezu kwenyanga ngemuva kokuthi umndeni ushiye i-cannert yegesi evuzayo eyadala ukuthi umlilo ushise eminye imijondolo engama-200 mhla zi-5 kuNhlangulana.

U-Obed Makondo, umholi weqembu lemijondolo, uthe abantu basezinhlelweni zokwakha kabusha izimpilo zabo njengoba behlangabezana nalolu sizi olubi.

UMakondo uthe umlilo uqale phakathi kwamabili lapho wonke umuntu elele.

U-Olga Buthelezi, ovezwe ngenhla, uthe ukube akamuzwanga umakhelwane wakhe, ngabe naye ushonile. “Ngezwa umakhelwane wami ebiza igama lami kwaba sengathi ngiyaphupha.

“Ngenxa yokuthi ngidayisa ugwayi, bengicabanga ukuthi [lo makhelwane] uza ngaleli hora lobusuku nje uzothenga. Waqhubeka nokushaya umnyango futhi engimemeza esho ukuthi ngiphume njengoba umlilo usondela ngokushesha.

“Ngiphume egumbini nginqunu ngoba ngiphume sengiphuthuma.

“Umakhelwane wami ushiswe ngumlilo washona,” kusho uOlga.

UShantel Meyers uthe akazi ukuthi uzolala kuphi manje nokuthi uzophinde ayakhe kanjani impilo yakhe.

Unezingane ezintathu (omncane kunabo bonke unenyanga eyodwa ubudala). “Isigameko sokuqala esenzeka NgoNhlangulana ngesikhathi ngikhulelwe sangishiya nosizi futhi ngalahlekelwa yikho konke.

“Njengamanje angisenalutho ngoba konke ebenginakho sekuphenduke umlotha,” kusho uMeyers.

Izihloko zakamuva