Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kudutshulwe kwabulawa abantu abane Kwadwesi eGqeberha ngeSonto ebusuku, kanti isisulu sesihlanu esidutshulwe singena emzini waso sithola ukwelashwa esibhedlela.
Ngokusho kwamaphoyisa kuthiwa owesilisa oneminyaka elinganiselwa ku-40 wehliswe emotweni ngumngani wakhe emzini wakhe.
Ngesikhathi lo mlisa engena endlini yakhe, abasolwa ababili baqhamuke ebumyameni baphusha isicabha sangaphambili badubula lo wesilisa esifubeni nasengalweni.
Kuwona lowo mgwaqo kutholwe izidumbu zabesilisa abathathu nowesifazane oyedwa abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-24 emjondolo ongemuva kwendlu benamanxeba okudutshulwa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu ukuqinisekisile ukuthi abasolwa ababili kukholakala ukuthi bayabandakanyeka kulezi zigameko zombili
UNaidu uthe amagama ezisulu azokhishwa uma sekuphothulwe uhlelo lokuhlonza.
Lesi isigameko sesihlanu eNelson Mandela Bay kulo nyaka lapho kushone khona abantu abane noma ngaphezulu esigamekweni sokudubulana. Bangu-27 abantu abalahlekelwe izimpilo zabo kulezi zigameko ezinhlanu.
Abantu abayisishiyagalombili badutshulwa babulawa ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa lowesilisa ngomhlaka-29 kuMasingana.
Abantu abane babulawa emcimbini owawenzelwe ekhaya ngomhlaka-12 kuNhlolanja.
Abantu abayisithupha babulawa endaweni okusolakala ukuthi iyisizidleke sezidakamizwa ngomhlaka-11 ngoNtulikazi.
Abantu abahlanu badutshulwa babulawa e-Gelvandale ngomhlaka-17 ngoMandulo.
Amaphoyisa aseGqeberha akwazile ukubopha abasolwa ngokushesha ezigamekweni ezine ezedlule.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene unxuse imiphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ukuze kuthungathwe labo abenze lesi sigameko sokudubula ngeSonto.
“Abenzi bobubi basagcwele amathafa kanti abaphenyi bethu baphansi phezulu babheka abasolwa. Usizo lomphakathi lubalulekile ekuhlanganiseni izehlakalo eziholele kule nhlekelele.’’
Uphiko lwe-Serious and Violent Crimes esifundazweni saseGqeberha luphenya amacala amane okubulala nelokuzama ukubulala.
Isithombe esingenhla: intambo yamaphoyisa.
Umthombo wesithombe: Ifayela
