Kuphela amaphupho koweComoros neCameroon kowe-Afcon namhlanje

Dylan Bettencourt

Liphazamisekile iphupho le-Comoros kwi-Afcon njengoba izophoqeleka ukuthi idlalise unozinti wayo wesithathu yize unozinti wayo wesibili ehlolwe ukuthi akanayo i-Covid-19 ngoMsombuluko ekuseni.

Unozinti wesibili u-Ali Ahamada akazange alandele imigomo yokuhlala yedwa izinsuku ezinhlanu ngakho-ke angeke akwazi ukudlala ne-Cameroon emqhudelwaneni wabo wamaqembu angu-16.

Imithetho ye-Confederation of African Football (CAF) ikhomba ukuthi umdlali ootholakala eokhuvethe kufanele  ahlale yedwa izinsuku ezinhlanu ngaphambi kokuhlolwa kwe-PCR – amahora angama-48 ngaphambi komdlalo olandelayo weqembu lakhe.

Unozinti wayo wokuqala ulimale kabi ngesikhathi benqoba i-Ghana emdlalweni wokugcina wesigaba samaqoqo, okuphowe lelizwe ukuba losebenzise omunye unozinti.

I-Comoros izodlala okokuqala ngqa emqhudelwaneni we-Afcon futhi ukungena esigabeni samaqembu angu-16 sekuwukunqoba okukhulu kuyona.

Kodwa-ke, ukuba nabadlali abangu-11 bezobhekana nompetha abaziwayo kungabafakela enkulu ingcindezi kulomqhudelwano.

Ukunqoba kubukeka kuzoba into enzima kakhulu kwiComoros.

Umqeqeshi we-Comoros, u-Amir Abdou, usahleli yedwa ngemuva kokuhlolwa watholaka ukuthi unokhuvethe futhi angeke abe khona ukuzozibonela mathupha izwe lakhe liqopha umlando njengoba lidlala okokuqala kumqhudelwano we-Afcon.

“Sesivele sakhetha umdlali ongajwayele ukudlala okunguye ozoqala njengonozinti kodwa siyathemba ukuthi uzokwenza kahle,” kusho umqeqeshi wonozinti uJean-Daniel Padovani esithangamini sabezindaba ngeSonto.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva