Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kuqubuke udlame kwaphangwa nempahla enxanxatheleni yezitolo eKapa ngoMsombuluko kulandela isiteleka samatekisi esiqhubekayo, nokwenze izindawo zakuleli dolobha zaba nezinxushunxushu.
Lesi siteleka sishiye izinkulungwane zabantu bengenazo ezokuthutha emphakathini.
Izinkulungwane zabantu azikwazi ukuhamba ziye emsebenzini noma esikoleni, okwandisa ukukhungatheka futhi kuholele ekutheni eminye imiphakathi iphendukele ekuphangeni.
Amavidiyo ashaqisayo asabalale ezinkundleni zokuxhumana, ethwebula abantu abangenasimilo behamba nezinto ezebiwe njengomabonakude, iziqandisi nokunye.
Amaphoyisa aphendule ngokushesha ezigamekweni zokuphangwa kwezitolo eGugulethu, eMfuleni, eNyanga, eKhayelitsha nase-Kraaifontein.
EGugulethu iziphathimandla zibophe abasolwa abahlanu ngokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.
UColonel Andre Traut, okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, ubike ukuthi ababhikishi bangene ngodlame ezitolo baphanga nempahla yasendlini, izingubo zokugqoka notshwala.
“Kuboshwe abasolwa abahlanu eGugulethu ngokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe. Amacala odlame emphakathini ayaphenywa kanti kungenzeka kuboshwe abanye njengoba amaphoyisa eqhubeka nophenyo,” kusho uTraut.
Amaphoyisa amatasa nokuphenya amacala odlame emphakathini.
Ukuze kuvikelwe abasebenzi futhi kugwenywe ukucekelwa phansi kwempahla, iDolobha linezindawo ezivaliwe ezindaweni eziguquguqukayo.
URob Quintas oyilungu lekomidi lemeya le-Urban Mobility edolobheni, uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngomthelela wesiteleka samatekisi ezimpilweni zabahlali futhi wagcizelela ukuthi izingxoxo noma izixazululo ngeke zibe khona njengoba udlame nokusabisa kusaqhubeka.
“Kubuhlungu kakhulu ukuthi izinkulungwane zabantu azikwazi ukuziphilisa noma ukuya emsebenzini noma ezikoleni ngenxa yokuhlaselwa okuqhubekayo kwezithuthi zomphakathi edolobheni lonke,” esho.
Izakhamuzi zizwakalise ukudumala nokwesaba kwazo ngemiphumela yokuphangwa. Esinye isakhamuzi esigodliwe igama laso sikhale sathi, “Bengazi ukuthi uma isiteleka siqhubeka kuzokwenzeka into efana nalena.
“Angiqondi ukuthi kungani abantu abaphilile ngokomqondo bengenza into efana nale.”
Abanye bakhathazekile ngokulahleka kwemisebenzi nomthelela emiphakathini, bethi masimiswe ngokushesha isiteleka samatekisi se-Santaco.
Ukushuba kwesimo kuqale ngoLwesine ngesikhathi amatekisi amaningi eboshwa ngamaphoyisa, okuholele ekutheni kube nodlame phakathi kwabashayeli bamatekisi.
Kusukela lapho, amabhasi amaningi, amaloli kanye nezimoto ezizimele zikhandwe ngamatshe futhi zashiswa kulo lonke idolobha kanti okungenani abantu abathathu bashonile.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi ebeziphethe umabonakude nesiqandisi zikulahla phansi zabalekela izimpilo zazo ngesikhathi zibona amaphoyisa endaweni.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
