Kungenzeka amaLions asingathe imidlalo yakulonyaka

Lucky Mdluli

Ukuhlolwa kweqembu lamaLions aseBrithani nase-Ireland kulo nyaka cishe kuzodlalelwa e-United Kingdom, lapho abalandeli okungenzeka bakwazi ukuhambela imicimbi yezemidlalo kusukela ngoNhlangulana.

Emasontweni amabili edlule uhulumeni wase-UK uthe abalandeli kumele ngabe sebebuyile ezinkundleni zemidlalo maphakathi nonyaka, okuqinise impikiswano yokuthi ukuhlolwa kwamaqembu kuzodlalwa e-England, e-Ireland, e-Scotland kanye nase-Wales.

Yize kungaqinisekisiwe, lokhu kuhlolwa okuthathu kwamaqembu kuhlelelwe uNhlangulana kanye noNcwaba lapho iziphathimandla zezempilo zaseBrithani zilindele ukukhishwa komuthi wokugoma okuzovumela ukuvulwa kwemicimbi yezemidlalo.

Iqembu lamaLions elineminyaka eyi-133 ubudala ngokwesiko adlala izinhlangothi zesifundazwe nezikazwelonke – bazoqala ngeDHL Stormers ekhaya labo elisha eliseKapa mhla zi-3 kuNtulikazi- lapho okuzanywa khona inhlanganisela yokudlala.

Iqembu lamaLions linabadlali abasuka emaqenjini angaphandle kweNgilandi, i-Ireland, i-Scotland ne-Wales, futhi ayisiko elihlukile lombhoxo, ahambela iNingizimu Afrika, i-Australia ne-New Zealand njalo eminyakeni emine.

Kulo nyaka, amaLions adlala umdlalo wokuzifudumeza neJapan e-Edinburgh mhla zingama-26 kuNhlangulana, bengeza uphethiloli ezindlebeni zokuthi amaLions azoba ngabasingathi bemidlalo yalo nyaka hhayi izivakashi.

Uma lokhu kwenzeka, umqondisi webhola lombhoxo uRassie Erasmus kumele ngabe ucabanga ngeningi labadlali baseNingizimu Afrika abadlala eYurophu ngakho-ke ajwayelene nezimo.

Ukunqoba kweSale Sharks ngesikhathi ibhekene neNewcastle Falcons ngoMgqibelo bekungeke kubamangaze abalandeli be-Premier Rugby Shield. Beqeqeshwa nguFaf de Klerk, kunabadlali abayisishiyagalombili baseNingizimu Afrika eqenjini – bonke laba abasezikhundleni ezibalulekile.

UDe Klerk, uLood de Jager, uCobus Wiese kanye noDaniel du Preez basemgqeni wokuqala, kanti u-Akker van der Merwe, uCoenie Oosthuizen kanye noRobert du Preez basebhentshini.

Bangama-80 abadlali abadabuka eNingizimu Afrika abadlala phesheya kwezilwandle – okuqubula imibuzo ngesimo sombhoxo wakuleli. Kwabaningi balaba badlali kuvamise ukuthi kube wusuku olukhulu lokuhola ekupheleni komsebenzi wabo, njengoDan Carter, owadlala iminyaka yakhe yokugcina phesheya kwezilwandle ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngenyanga edlule.

Bobabili u-Erasmus kanye noWarren Gatland, umqeqeshi we-British ne-Irish Lions, kumele bazibuze ukuthi laba badlali baseYurophue bangaba nethuba elingakanani.

Noma kungukulahlekelwa kombhoxo waseNingizimu Afrika ukuthi abadlali abaphambili badlala phesheya kwezilwandle, kufanele futhi asizakale u-Erasmus ngokuthi bonke labo badlali bayatholakala ukuze bakhethwe.

Umthombo wesithombe: @Springboks

Izihloko zakamuva