Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abaculi ababili bakamaskandi abadumile bakhishwe kumqhudelwano woKhozi FM wengoma yonyaka ngoba abalandeli bethi bathandwa kakhulu.
Izingoma zikaKhuzani Mpungose odume ngengoma ethi “iJele” nembangi yakhe enkulu uMthandeni Manqele zanqoba iminyaka ilandelana nosekuqubule izinsolo zokucwasa.
Idumela lokuthandwa komculo kamaskandi liqale ngo-2016 ngesikhathi uMroza Fakude edla umhlanganiso ngengoma yakhe ethi “Van Damme”.
Ngonyaka olandelayo uMpungose wawina lesi sicoco futhi abathandi bomculo baqala ukukhononda ngokubusa komculo kamaskandi ohlwini lo Khozi.
USihlalo wabalandeli bakaManqele, uMkhuliseni Mdletshe ukhale ngokuthi ukushiywa ngaphandle kwezingoma zikamaskandi kulo mqhudelwano kukhombisa ukucwasa njengoba uKhozi FM lukhiphe lezi zimbangi ezimbili ezidumile.
“Inkinga ukuthi uma laba bobabili bekhona ohlwini kuhlale kunzima kwabanye abaculi ngoba thina njengabalandeli bakamaskandi sivota ngobuningi bethu futhi asiwathengi ama-CD omgunyathi manje sizondelwa lokho,” kusho uMdletshe.
Uthe lokhu kufana nokuthi abahleli be-Grammy banqume ukuvimba iqembu le-Ladysmith Black Mambazo ngoba besaba ukuthi ihlale iwina uma kukhulunywa nge-Afrika.
UGugu Ntuli we-SABC ucele i-Scrolla.Africa ukuthi sithumele imibuzo ngomqhafazo, kodwa okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga.
I-Scrolla.Africa siphinde sathola ukuthi i-SABC ibhekene necala lobugebengu elafakwa ngu-Owen Ndlovu othi ungumnikazi wohlelo lwengoma ehlukanisa unyaka. Usole le nhlangano ngokwephula isivumelwano abasisayina naye.
Ngaphezu kwalokhu “Ngivulele omunye wabaphathi babo icala, othe ayikho imali yemiqhafazo eyenziwa ngabantu abavotela izingoma, “Ngilinde amaphoyisa azovula icala njengoba ngilivulele esinye sezikhulu saKwaZulu-Natal.”