Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Amabandla ahlukene esiFundazweni iMpumalanga ahlele indumezulu yomkhuleko wokweseka uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu osabhekene neKhomishana kaMadlanga eqhubekayo.
Lokhu kugqame ngemuva kokusabalala kwephosta eveza uhla lwabaculi abazonandisa kule nkonzo eseMbombela nehlelelwe usuku lwangomhlaka-14.
Omunye wabahleli bale nkonzo okunguNkk Sindi Nkambule wakaNyamazane uthe bona abahluleli muntu ngoba bayakholelwa ukuthi noma ungaba ungumoni ongakanani kodwa uNkulunkulu uyakunika ithuba lesibili empilweni.
“Thina esikwaziyo ukuthi uMchunu akakatholwa enecala. Nakuba kunjalo kodwa asinayo indawo yokumehlulela ngoba uThixo kuyena simsulwa emehlweni akhe futhi singabakhe. Nomfazi waseSamariya owayenezono wathi uJesu kulabo ababefuna ukumshaya ngoba bemsola ngokuphinga, wathi ongakaze asenze isono, akamshaye ngetshe. Kunalokho bonke abantu bavele bajika bahamba.
Nathike sithi ongakaze asenze isono akamehlulele uMchunu,” kusho uNkk Nkambule.
Kule nkonzo kubhekwe izinkonzo ezahlukene okubalwa amaZayoni, amaWeseli, ama-Afrika, AmaSheshi nabanye.
UMchunu kulindeleke ukuba abuyele kuMadlanga Commision ngenyanga ezayo.
Kwenzeka lokhu nje umbiko wokuqala kaMadlanga usamkhiphe phambili uMchunu.
