Kufe amasosha amabili akuleli eDRC ehlaselwa enkanjini

Kushone amasosha amabili aseNingizimu Afrika kwalimala amathathu e-Democratic Republic of Congo (DRC) ngesikhathi kuqhunyiswa ibhomu enkambini ye-South African National Defence Force (SANDF) ngo-1:30 ntambama ngoLwesithathu.

Okhulumela i-SANDF uSiphiwe Dlamini uveze lezi zindaba. Uchaze ukuthi amasosha aseNingizimu Afrika ase-DRC njenge ngxenye yethimba le-Southern African Development Community. Inhloso yabo ukusiza uhulumeni wase-DRC ukuthi alethe ukuthula nozinzo endaweni.

Amasosha alimele aphuthunyiswe esibhedlela e-Goma ukuze athole usizo.

“Sisazama ukuqonda yonke imininingwane ngokwenzekile, kusazoba nophenyo ukuze sithole ukuthi kungani kwenzeke lesi sigameko,” kusho uDlamini.

Ekuqaleni kwesonto iHhovisi likaMengameli lithe uMengameli Cyril Ramaphosa uzotshala amasosha angu-2 900 e-Congo.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Amasosha e-SANDF.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva