Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kusinda kwehlela kumfowabo weNdlovukazi yeMvula yesizwe samaBolabedu eLimpopo obezama ukuyiketula esihlalweni njengoba inkantolo ikhahlele yonke leyo mizamo.
Lokhu kukandela ukuthi kuthe ngoLwesihlanu iNkantolo ePhakeme yasePitoli yachitha uMntwana uLekukela Modjadi emizameni yokugudluza udadwebo okuyiNdlovukazi uMasalanabo Modjadji VII esihlalweni sobukhosi.
Lemizamo useyizame kaningana uMntwana kusuka ngonyaka ka2024 ngemumva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa enikeze ngokusemthethweni uMasalanabo isitifiketi sokuba iNdlovukazi yesizwe esasala dengwane ngemumva kokukhothama kukanina ngonyaka ka-2005 okwakuyiNdlovulazi uMakobo Modjadji VI.
Lesi sihlalo sasala sibanjwe uyise omncane okwakunguMntwana uMpapatla, osibambe iminyaka engu-15.
Kuthe ngonyaka ka-2022, wathatha izintambo wazidlulisela kuMntwana uLekukela ngoba abanye bomndeni waseNdlunkulu wawukholwa ukuthi uMasalanabo akafanelwe isihlalo futhi akazilutho ngamasiko esizwe ngoba ugwinywe impilo yasesilungwini eGoli nalapho ebekhuliswa khona uSolwazi uMathole Motshekga nomkakhe uNgqongqoshe u-Angie Motshekga.
Lesi sinqumo sakamumva sisho ukuthi uNdlovukazi uzoqhubeka nemisebenzi yesizwe eyahlukene okubalwa nokusokwa kwezinsizwa nezintombi okwenziwa amaBolabedu njalo ebusika.
