Kuboshwe osemncane ngezinsolo zokushushumbisa izingane 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuvalelwe ibhungu lase-Nigeria esitokisini samaphoyisa ngezinsolo zokukhulelisa abesifazane abayishumi ngeqhinga lokudayisa izingane ukuze lithole imali.

Leli bhungu elineminyaka engu-17 ubudala liboshwe ngamaphoyisa e-Rivers State kanye nalowo okusolwa ukuthi lisebenzisana naye uChigozie Ogbonna (29).

Abesilisa ababili kubikwa ukuthi baqhuba ibhizinisi lokudayisa izingane kanye nabesifazane ababili abahlonzwe njengoFavour Bright kanye (30) noPeace Alikoi (40).

Isikhulu esibhekelela ezokuxhumana kwamaphoyisa e-Rivers, uGrace Iringe-Koko usiqinisekisile lesi sigameko waphinde waveza esitatimendeni ukuthi amaphoyisa agasele embonini lapho okudayiswa khona izingane ngoMgqibelo mhla ziyisikhombisa kuMasingana ngemuva kokuthola imininingwane efanele.

Kule ndawo amaphoyisa afice abesifazane abazithwele abachazwe njengezisulu zokushushumbiswa kwezingane.

Amaphoyisa athi uphenyo luthole ukuthi uma umama wosana esetetile umholi weqembu uyayithatha ingane akhokhele unina imali engu-N500 000 (cishe u-R20) amaphoyisa aphinde athola ukuthi ezinye zezingane sezidayisiwe.

“Bonke abahlukumezekile bavumile ukuthi bayengelwa ukuba bahlanganyele ekudayiseni izingane ngokungemthetho ngenxa yesidingo sokuhlangabezana nezingqinamba zezimali.

Imoto yohlobo lwe-Honda Pilot Jeep emhlophe itholwe kumholi weqembu.”

Isithombe esingenhla: Indawo ababoshwe kuyo

Umthombo wesithombe: Puls.ng

Izihloko zakamuva