Kuboshwe indoda esolwa ngokushisa iveni yamaphoyisa e-Senekal

Kuboshwe umlimi oneminyaka engama-52 ngeqhaza abe nalo ngenkathi beshisa iveni yamaphoyisa ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Senekal e-Free State ngoLwesibili.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa uLirandzu Themba uthe, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usecele ukuthi kuboshwe abanye abantu. “UNgqongqoshe ukwamukele ukuboshwa komsolwa wokuqala othintekayo embhikishweni onodlame owenziwe yiqembu labalimi.

“UCele ufuna kuboshwe abanye ngoba kuyacaca ukuthi ubugebengu obenzekile bebubumbene futhi bekusongelwa nomthetho,” kusho uThemba.

Iveni lashiswa ngesikhathi kuqubuka isiphithiphithi ngaphandle kwenkantolo ngemuva kokuba abasolwa ababili abasolwa ngokubulala umphathi wepulazi, uBrandin Horner, bephindiselwe ezitokisini futhi necala labo lahlehliselwa umhla zi-16 kuMfumfu.

“Phakathi kwaleli qembu lababhikishi bekukhona abalimi abebehlomile abangene ngesankahlu ebhilidini lenkantolo – befuna ukuthi abasolwa ababili badedelwe.

“Lezi zenzo zokungabi namthetho ziholele ekucekelweni phansi kwempahla yasenkantolo kanti nemoto yamaphoyisa nayo igingqiwe yashiswa,” kusho uThemba.

Izihloko zakamuva