Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuboshwe abebesolwa ngemigwazo yezincwadi zokushayela eMkhondeni ngaseMgungundlovu,KwaZulu-Natal njengoba kuboshwe ababili ngoLwesithathu.
Laba ababoshiwe kuthiwa obefundela ukushayela kanye nobemfundisa kanti babanjwe behlela umgwazo wemali engu-R1800.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma uthe lokhu kwenziwe uPhiko lwezobuNhloli obelubalalele laba ababili abebehleba ngomgwazo lwabalandelela baze babanjwa.
Uthe sekukaningi kukhalwa ngesikhungo sokufundela ukushayela eMkhondeni nakwezinye kanti ukutshala kwabo uphiko lwamaPhoyisa oMgwaqo angayihleki into encane kubasizile ukuba kukhucululwe inkohlakalo.
“Laba bathathwe bayovalelwa esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu ngale ngalezi zinsolo zenkohlakalo.
Ngaphandle kwalokho ukuboshwa kwabo kuhambisana nomkhankaso wethu othela izithelo ezinhle kuzaphulamthetho othi #NenzaniLaEzweni. Okunye ukuthi le nkohlakalo isibenomthelela omkhulu ezingozini zomgwaqo ngenxa yabashayeli abathenga izincwadi zokushayela bese bengena emgwaqweni ekubeni bengazi lutho ngezimpawu nemithetho yomgwaqo,,” kusho uDuma.
Uqhube wathi kwenzeka lokhu nje, basanda kubamba umshayelo emgwaqweni uN2 ngaseMandeni obengakwazi nokuthi amathoshi akhanyiswa kanjani emotweni.
Uveza nokuthi akukapheli nesonto bebambe owokufika kuleli enezincwafi ezingaqondakali ukuthi uzithole kanjani eMargate, Ogwini.
