Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abantu bashaye kabuhlungu abokufika eThekwini ngoLwesibili ngemuva kokuba amadoda ehlasele owesifazane ngesikhathi kunombhikisho wokuhlanza iTheku.
Isikhulu samaphoyisa, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, uthe uzohlangana nabaholi bombhikisho ukuze badingide lolu daba bese bethola isixazululo.
Amabhizinisi amaningi aphethwe abokufika eThekwini avaliwe. Izitolo eziqasha abokufika nazo zivaliwe.
Lokhu kuvalwa kwenzeke ngemuva kombhikisho wezinsuku ezimbili ngoMsombuluko nangoLwesibili kuleli sonto. Abantu bendawo babize lo mbhikisho njengowokukhuculula abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Amabhizinisi amaningi ezindaweni ezahlukene zedolobha avaliwe kusukela ngoMsombuluko.
Izinto ziphenduke udlame ngoLwesibili. Abantu bashaye kabi abanye abantu bokufika kuleli dolobha. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iqulu lamadoda lihlasele owesifazane. Ubeyilungu lombhikisho. Abantu bakholwa ukuthi lamadoda amhlasele akuwona awakuleli abahlala eThekwini.
Iqembu lababhikishi libizwa ngokuthi i-March and March. Umholi wabo, uJacinta Ngobese-Zuma, ubuze ngamabhizinisi aphethwe abokufika kuleli dolobha.
Uthe iningi lalawa mabhizinisi asetshenziswa ukufihla imisebenzi engcolile.
Uthe: “Bheka izimoto abahamba ngazo bese uziqhathanisa namabhizinisi abo abawenzayo, lokhu kuyakukhombisa ukuthi laba bantu badayisa izidakamizwa ezibulala intsha yethu.
ULieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ungukhomishana wamaphoyisa. Ukhuluma nezintatheli ngesikhathi kunomjaho wamaphoyisa eThekwini.
UMkhwanazi uthe abantu abavumelekile ukuxosha abokufika ngaphandle kokuhlola amaphepha abo.
Uthe ukuhlolwa kwamaphepha kwenziwa abantu abakuqeqeshelwe ukwenza lokho.
Uthe uzohlela umhlangano nabaholi be-March and March ukuze badingide lolu daba bese bethola nendlela eya phambili.
Esithombeni esingenhla: Amanye amabhizinisi avaliwe kusukela ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho elwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho eThekwini.
Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane
