Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izitolo zokucwala izinwele nezokulungisa izingcingo eziphethwe abokufika ngaphandle nangaphakathi eKhayelitsha Mall zivaliwe ngoLwesibili, abanikazi bawo bezwakalise ukusabela ukuphepha kwazo.
Isakhamuzi uZodwa Mveni uthi ukuvalwa kwezitolo kuyindlela yokuphepha, hhayi ukusuka, futhi ulindele ukuthi izitolo zivulwe zingakapheli izinsuku.
Izitolo zabokufika eKhayelitsha Mall azivulwanga ngoLwesibili. Ngaphandle kwenxanxathela yezitolo, izindawo zokucwala izinwele nezitolo zokukhanda izingcingo eziphethwe abantu bangaphandle bezihlale zivaliwe. Ngaphakathi izitolo eziningi eziphethwe abantu bangaphandle nazo bezivaliwe.
Omunye wamazwe angaphandle okhulume neScrollla.Africa ngaphandle kwegama lakhe uthe ukuvala kumayelana nempilo.
Ukuvulwa kwezitolo namuhla kuzobe kuwukuzibulala, yebo siyalahlekelwa yimali, futhi kusamele sikhokhe irenti ekupheleni kwenyanga kodwa singaphinde sihole, ngeke sibeke impilo yethu engcupheni ikakhulukazi uma kuthiwa asigoduke asazi ukuthi kuzokwenzekani uma sivula,” usho kanje.
Amakhasimende abanjwe ngaphandle. UNombuso Matu, (45) ufike ezolungiswa izinwele kwadingeka ukuthi ajike.
“Ngakithi zivuliwe izitolo zabokufika, bengingacabangi ukuthi zizovalwa izindawo zokucwala izinwele, manje sekumele ngibuyele ekhaya ngingazilungisanga izinwele,” usho kanje. Usebenzise u-R17 ukuya enxanxatheleni yezitolo kanti uzosebenzisa omunye u-R17 ukuya ekhaya, u-R34 ulahleke kuhambo alumoshile.
“Yebo kumele bagoduke kodwa kumele bashintshane, bangaphumi bonke noma bavale izitolo zabo kanye kanye,” kusho uMatu.
ULiziwe Gijana (30) uhambe eyolungisa ucingo lwakhe wafica isitolo sivaliwe.
“Kuyangimangaza ukuthi sebevale izitolo zabo, phakathi nesonto bebeziphethe ngendlela,” kusho yena. Udinga ucingo lwakhe lusebenza ukuze afake izicelo zomsebenzi, wathi akazi ukuthi kukhona abantu baseNingizimu Afrika abalungisa izingcingo.
Isakhamuzi uZodwa Mveni akakholwa ukuthi ukuvalwa kwalokhu kusho ukuthi abokufika bayalishiya izwe.
“Abanikazi bezitolo bahlezi ngaphandle bajabulela ilanga.
Basemafulethini abo, ukuvala izitolo akusho ukuthi sebehambile, basuke bethatha izinyathelo zokuphepha. Ngiyabheja kusasa noma ngaphambi kokuphela kwesonto bazobuya,” kusho yena.
Esithombeni esingenhla: Abokufika ngaphandle kwaseKhayelitsha Mall bavale izitolo zabo ngoLwesibili ngezizathu zokuphepha kodwa abakaphumi kuleli.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze
