Izitokofela zokuthengisana ukudla komngcwabo zisiza kakhulu imindeni yaseSoweto

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Amalungu afaka u-R300 wokudla uma odlala isitokofela eshona kanti amaqembu ezitokofela akhiwa ngabantu abayishumi kuya ku-25.

UNokuzola Mtye wajoyina isitokofela somngcwabo ngo-2016 ngemuva kokushona kukanina ngoba imali yomasigcwabisana ikhava u-60% kuphela wezindleko zokungcwaba.

UNokuzola Mtye (38) waseSoweto uyawazi umshikashika wokuphakelwa kwabantu abazokhaliss ngesikhathi kunomngcwabo. Ngesikhathi umama wakhe eshona ngo-2016, yena nezingane zakubo kwadingeka baboleke imali ukuze bathenge igilosa yokulungiselela umngcwabo.

Abangcwabi bamkhokhisa enye imali ngezinye izinsuku ezinhlanu. Nakuba imali ebolekwayo bayithola, kwakusengumthwalo onzima ukunakekela abantu.

Izinkokhelo zomngcwabo zihlanganisa kuphela u-60% wezindleko zokungcwaba. Umndeni kwakusadingeka uthole imali yokuphekela izihlobo ukudla phakathi namalungiselelo amade ngaphambi komngcwabo wangempela.

“Singabantu abaMnyama futhi amalungiselelo ethu omngcwabo angathatha isonto noma amabili ngaphambi kokuthi kungcwatshwe. Ngakho-ke kumele sinikeze wonke umuntu ongena emnyango okuya ngasethunjini,” kusho uNokuzola.

Uthe abantu abeza emingcwabeni abagcini nje ngokuzokweseka. “Siphila esikhathini lapho yonke into imba eqolo, abantu abezi emingcwabeni ukuzolekelela kuphela, babuye balambe,” usho kanje.

Leso sigameko esinzima saholela ekutheni uNokuzola ajoyine isitokofela segilosa yomngcwabo. Lama qembu akhiwe ngabesilisa nabesifazane abanamalungu aphakathi kuka-10 no-25. Ilungu ngalinye lihlanganisa uhlu lwabazuzi abangu-10 ngaphansi kwe-akhawunti yabo.

Uma ohlomulayo eshona, wonke amalungu anikela ngokudla noma izinto zokuhlanza ngenani lika-R300.

NgoMandulo ka-2025, uNokuzola washonelwa yizingane zakubo zombili amasonto ambalwa zihlukene. Bobabili babesohlwini lwakhe lwesitokofela. “Akuzange kudingeke ngiboleke, isitokofela sami sasisilethela ukudla okwanele okungaboli,” kusho yena.

UNokuzola uthe abakholelwa ekulahleni ukudla. Kunalokho bakunika abantu. Ufunge wagomela ukuthi uzoqhubeka nokuba yilungu lesitokofela segilosa. “Ngoba abazali bami basifundise ukuphakela noma ngubani ofikayo,” kusho yena.

Esithombeni esingenhla: Igilosa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva