Izingoma zomshado zaseLimpopo ziletha injabulo nethemba

UThabiso Sekhula ufisa ukukhula ashade ukuze igama lakhe lizomemezelwa emsakazweni.

Uma singabuyisa izinto zakudala kungamele sibuyise amaculo emishado yase-Limpopo, okungamaculo esikhule eculwa.

Kunesisho esithi “Lenyalo ke Lerole” okusho ukuthi umshado ungumshado ngothuli. Kuzwakala kuwumbhedo, kodwa ngisho othulini buyaphuma ubumnandi nenjabulo.

Uma kungabanga nothuli emshadweni wase-Limpopo, yazi ukuthi izivakashi zakho aziwujabulelanga umzuzu nomzuzu womshado. Siveza injabulo yethu ngokugxuma senze imidanso yethu ejwayelekile ngaleso sikhathi kusuke sekugcwele uthuli yonke indawo, njengoba le kuyindlela esisuke sijabulela ngayo abashadayo siphinde sijabulise namadlozi ethu. 

Ngokusobala uMnyango wezokuvakasha e-Limpopo wawazi ngalendawo nobumnandi bayo ngesikhathi uhlela ukuvakasha kwamanxusa e-Africa Travel Indaba.

Baqashe uPleasure tsa Manyalo, owesifazane owaziwa ngokucula amaculo omshado ukuba azocula e-Indaba futhi usebonakale emazweni amaningi emhlabeni jikelele.

UPleasure ubuyise amaculo omshado eSipedi. Izingoma zakhe zidlalwa nezingoma zama-piano ne-hip hop eziteshini zomsakazo zasendaweni ngisho nasezinkundleni zokuxhumana.

Ngesikhathi sisakhula umshado kwakuyiyona into esijabulisayo ngoMgqibelo. Uhlelo lomshado lwaludlala ekuseni ngo-8.05 kwiThobela FM, umama wayevulela phezulu umsindo womsakazo asivuse sonke ukuze sihlanze indlu.

Umsakazi uMoloko Mashamaite wayejwayele ukungena emsakazweni elilizela. Uma usuzwile, wawungalikhohlwa ukuthi uhlelo lwakhe lwaqala kanjani. Kulolu hlelo wayezomemezela ukuthi ubani ozoshada ngalowo Mgqibelo, kuyiphi indawo futhi obani abamenyiwe.

Bekuwudumo olukhulu ukumenyezelwa komshado wakho emsakazweni. Sasifisa ukukhula futhi sishade ukuze amagama ethu afundwe emsakazweni.

Ekukhuleni kwethu sibhekane nobunzima bempilo sagcina sesikhohlwa ukuzwa izimemezelo zomshado emsakazweni.

Emashumini eminyaka kamuva, umculo ukubuyisele konke lokhu. Izingoma zomshado zase-Limpopo zishisa izikhotha. Zidlalwa uma kuthweswa iziqu, ezindaweni zokucima ukoma, kwizivakashi e-Indaba ngisho nangaphakathi ematekisini. Lezi zingoma ziletha injabulo kanye nokugigitheka.

Lezi zingoma ezitholakala kakhulu ngeSipedi, zivuse umlilo ezinkundleni zokuxhumana futhi zibenza abaculi bethu badlulele phambili ngaphandle beqhakambisa izingoma zesiPedi.

Elinye iculo eliculelwa umkhwenyana lithi “Dilo stofong”, beka ukudla eziko, liqhubeke lithi “Sengimtholile owami hlanganisani obabekazi, baqale bapheke idili likamkhipheni.”

Enye ingoma ebizwa ngokuthi “Wa ka ke Johny” ithi I have chosen Johny, the same Johny with the red shoes, Johny with the gap tooth, Johny is my man.” Kanti enye eshisa izikhotha ingoma kaPleasure ethi “Ke Lorile”, “I had a dream you put a ring on my finger.”

Labo abangawaqondi amagama engoma ngeke babe nenkinga yokuqonda injabulo kumavidiyo afakwe nomculo kwazise nomdanso uhamba wodwa. Lezi zingoma zihlukile futhi ziletha uthando e-Limpopo, mhlawumbe nohlanya lungafuna umshado.

Umthombo wevidiyo: https://vm.tiktok.com/ZM2JYkGn6/

Isithombe sivela ekhasini le-Instagram likaPleasure

Izihloko zakamuva