UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.
EMargate: Umshushisi wesifazane oneminyaka engu-44 ubudala ungomunye wabashayeli abangu-54 ababoshelwe ukushayela bephuzile ngempelasonto. Umshushisi ubanjwe ngo-23h01 eshayela ku-R620 Marine Drive eMargate, ePort Shepstone.
Komunye umkhankaso ohlukile, amaphoyisa amabili e-SAPS nomshayeli wetekisi (obelayishe abagibeli abangu-24) baboshelwe ukushayela bephuzile.
Lokhu kuthukuthelise uNgqongqoshe wezokuThutha eKZN, uMnuz Siboniso Duma, ongabaze ukuziphatha kwamaphoyisa nabezomthetho uma kukhulunywa ngotshwala nokushayela emigwaqeni yomphakathi.
ENquthu: INkantolo yesiFunda yaseNquthu igwebe owesilisa(29) udilikajele ngecala lokudlwengula owesifazane ngoMandulo 2023 endaweni yaseMondlo. Ngobusuku besigameko ummangali uchithe isikhathi nabangani bakhe uthe ngesikhathi esebuyela ekhaya wahlangana nomsolwa endleleni. Wacela ukuhamba naye njengoba wayehamba ngendlela eyodwa, futhi njengoba emazi (wayembonile endaweni), wavuma. Endleleni ubemsola ngokuntshontsha umakhalekhukhwini wakhe, nokuyinto abeyiphika. Wabe esemshaya ngezibhakela, wawela phansi, wamdlwengula kabili. Ngaphambi kokuthi amdlwengule okwesithathu, ummangali waphakamisa ukuthi baye kubo, ngoba kwakungekho muntu.
EDurban: I-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal income ukuqedwa ngempumelelo kanye nokuvulwa kabusha kwemizila emisha eyengeziwe ku-N3 phakathi kwe-Ashburton neCato Ridge “kukhombisa ngokusobala umsebenzi kahulumeni oholwa yi-ANC ofeza izithembiso zakhe”. I-ANC ithi ukuphothulwa kwemizila emisha, okuyingxenye yokuthuthukiswa kwamandla ka-N3/N2, kusho ushintsho olukhulu ekulethweni kwengqalasizinda esezingeni lomhlaba kanye nokubeka iKwaZulu-Natal njengendawo yezokuthutha kanye nesizinda somnotho.
Esithombeni esingenhla: Umshushisi oneminyaka engu-44 ubudala ubanjwe ephuzile ehamba ngemoto eMargate oGwini oluseNingizimu ne-KZN ngempelasonto.
Umthombo wesithombe: UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal
