Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-NFP isizele iqembu lesikhombisa selokhu yasungulwa nobekusolwa ukuthi liqalwe abadlelana noNgqongqoshe uMbali Shinga wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal.
Leli qembu lezombusazwe, okuyi-African Restoration Movement nelizongenela ukhetho loHulumeni basekhaya oluzoba ngoLwezi ngomhlaka-4 kulo nyaka, lisungulwe uNsz Nokwanda Mdunge obesebuholini be-NFP ngesikhathi sikaMnuz Canaan Mdletshe.
Nokho labo abadlelana noNgqongqoshe uShinga bawakhahlele ngazo zombili amahlebezi okuthi uyalazi leliqembu baze bathi ngisho ubudlelwano bakhe nomsunguli walo, babuvele bungebuhle besaku-NFP bobabili.
OwayenguNobhala-Jikelele we-NFP uMnuz Teddy Thwala utshele iScrolla.Africa ukuthi uNgqongqoshe uShinga akahlangani nhlobo naleli qembu futhi kungaba iphutha ukuba kubekhona abacabanga ngaleyo ndlela.
“Leli qembu lisungulwe uNokwanda Mdunge owayeku-NFP kudala kodwa ubesahamba esekwenye inhlangano. uShinga akahlangani nakancane naleli qembu ngoba ngisho benoNokwanda bekungebona abantu obekungathiwa basondelene ngisho beseku-NFP. UShinga namanje usayilunga lokuqina ku-NFP elinganyakazi,” kusho uThwala.
Uqhube wathi njengoa bona besondelene noShinga bebengaba nalo ulwazi uma esekwelinye iqembu kodwa iqiniso abanalo elokuthi alikho iqembu asezihlanganise nalo ngaphandle kwe-NFP.
Leli qembu liyingxenye yamalungu amaningi asezalwe i-NFP njengoba kuzokhumbuleka ukuthi cishe acela kwayisikhombisa manje amaqembu asesungulwe abaholi ababeku-NFP.
Lapha kubalwa i-Apemo kaMnuz Vikizitha Mlotshwa, i-Academic Congress Union kaMnuz uMzonjani Zulu, i-Abantu Batho Congress kaMnuz Philani Mavundla noMnuz Bhungu Gwala, i-Allied Movement 4 Change kaNkk Sindi Mashinini noMnuz Imam Mansoor, kube iNational People’s Front kaMnuz uBheki Gumbi .
IScrolla.Africa sizame ukuthinta uNksz Mdunge mayelana naleli qembu kodwa ucingo lwakhe belukhala luze lubenesilokozane engalubambi kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ngakolunye uhlangothi uNgqongqoshe uShinga kuthe ngoLwesihlanu wanqoba icala abelifake enkantolo lokuxoshwa kwakhe eqenjini.
Kuthe esabhiyozela lokho, i-NFP yakhipha incwadi yokumumisa futhi nokuthe ngoMsombulukio yalandelisa ngenye yokumunikeza ithuba lokuba aphonsele lesi sinqumo inselelo ngaphambi komhlaka-27 kuNhlangulana.
