Izindaba zaseKZN ezifingqiwe:Owe-ANCYL ubizelwe esigcawini somndeni ngokuthukwa kukaNdunankulu kaZulu

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.

EMelmoth:Owayengumholi woPhiko lwentsha kaKhongolose esiFundeni iMzala Nxumalo, eZululand usenkingeni emndenini wakhe omsola ngokuphaka impi yokuhlasela nokwethuka uNdunankulu kaZulu okunguMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

UMnuz Lindokuhle Xulu usebizelwe emhlanganweni womndeni namakhosi akwaXulu ozoba seMelmoth ngoMsombuluko..
UNdunankulu wesizwe sakwaXulu, uDkt Cedric Xulu encwadini ayibhalele indodana yakhe, uthe umndeni aweneme neze ngayo ngoba uyasola ukuthi uohehla udweshu lokwethukwa kukaNdunkulu uButhelezi.

Uqhuba uthi lokhu akwenzayo kufakela isiggcwagcwa emndenini namakhosi akwaXulu esesizweni sikaZulu nasemphakathini wonkana nesingasobe siphele.

Uthe bamdinga kulo mhlangano kumnyama kubomvu ngoba uma engafiki sizothathwa isinqumo.

ERichards Bay: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli usenxuse iminyango kahulumeni wesifundazwe kanye nezinkampani ezizimele ukuthi zikhokhe izikweletu zomasipala ukuze ohulumeni basekhaya bakwazi ukusheshisa ukulethwa kwezidingo emphakathini. Lokhu kuxoxisana nokaputeni bemboni bekuseRichards Bay ngoLwesine kanti kuhambisana nemigubho yekhulunyaka kwasungulwa iZululand Chamber of Commerce and Industries, oseqhulwini lokufukula umnotho wesifundazwe iminyaka eyishumi.

EThekwini: Uhlelo olusha lokuqongelela imali okuhloswe ngalo ukuvula amathuba emfundo entsheni luqala ngoMbasa, njengoba iNyuvesi yaKwaZulu-Natal ihlanganyela neNPO Care Enough TDS ezinze eThekwini ukuze isingathe i-fundraiser yoSuku Lwegalofu. Abafundi basemalokishini abangaphezu kuka-150 kanye nenqwaba yabafundi base-UKZN bazimisele ngokuhlomula ngqo kwi-UKZN yokuqala kanye ne-Care Enough Day Fundraiser ezokuba ngomhlaka-23 kuMbasa ka-2026 eMhlali Country Club nase-Golf Course. Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuxhasa ngemali abafundi baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal ababhekene nezinkinga zezimali, kuphinde kuqiniswe nezinhlelo zemfundo ezilethwa yiCare Enough TDS emiphakathini yasemalokishini.

Esithombeni esingenhla: Owayengumholi wophiko lwentsha ye-ANC uLindokuhle Xulu egxekwa umndeni wakhe ngezinsolo zokuhlela inhlamba ebhekiswe kuNdunankulu weNkosi uMisuzulu kaZwelithini, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

Umthombo wesithombe: TikTok

Izihloko zakamuva