Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: I-Smirnoff 1818 ihlanganisa izimbangi zikaMaskandi ezinkulu esiteji esisodwa

EThekwini: Izimbangi ezinkulu zikaMaskandi zizoshiyelana inkundla kulo Mgqibelo kanti iSmirnoff 1818 iyona ehlele konke lokhu. Kulo mcimbi kubungazwa umculo ogcine amagugu emiphakathi eminingi yabamnyama.
I-Diageo South Africa yenze lesi simemezelo, iqinisekisa ukutshalwa kwezimali esikweni eliqhubekisele phambili ukukhula kwe-Smirnoff eminyakeni edlule.
UTamika Sewnarain, oyiSenior Brand Manager kwaSmirnoff kwaDiageo South Africa, uthe umcimbi obizwa ngeSmirnoff 1818 Makoya Imbizo uzoba seBerea Rovers eThekwini ngoMgqibelo ngomhlaka-30 kuNhlaba.
Okuzogqama kakhulu ngalolu suku kuzobe kunandisa izihlabani zikamaskandi uKhuzani Mpungose ​​(Indlamlenze) noMthandeni Manqele (Igcokama Elisha). Lezi zikhondlakhondla ezimbili zinabalandeli abaningi ezweni lonke, futhi umbango wawo osenesikhathi eside uphushele umaskandi phezulu.

ETongaat: INational Prosecuting Authority ikwamukele ukugwetshwa kwendoda eneminyaka engu-41 ubudala odilikajele ababili kanye neminyaka eyisithupha eyengeziwe. INkantolo eNkulu yaseThekwini imlahle ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukushaya kanye nokulimaza impahla. Lawa macala enziwa endaweni yaseSinembe ngoZibandlela ka-2024.

Ummangalelwa ubethandana nommangali odabeni lokushaya, ophinde abe ngunina wezingane ezimbili ezithinteka emacaleni okubulala nelokuzama ukubulala, eneminyaka emithathu neyisikhombisa.

Ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala ingane eyodwa, udilikajele ngecala lokuzama ukubulala enye, iminyaka emihlanu ngokushaya kanye nonyaka ngokulimaza impahla.

EScottburgh: Ukuboshwa nokugwetshwa kwephoyisa leSouth African Police Services kuthumele umyalezo ocacile wokuthi akekho ongaphezu komthetho. UMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal wenze lesi sitatimende ngoLwesine kulandela ukugwetshwa kukaMnu Siyabonga Cele.

U-RTI Park Rynie wambamba ehamba ngesivinini esingu-183 km/h endaweni ka-120 km/h, ephula uMthetho Wezemigwaqo Kazwelonke. INkantolo yeMantshi yaseScottburgh yamthola enecala yamgweba izinyanga eziyisithupha ejele, futhi kungenzeka akhokhe inhlawulo engu-R12 000.

Esithombeni esingenhla: Izimbangi zikaMaskandi uKhuzani Mpungose ​​noMthandeni Manqele.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva