Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: AmaJaji achithe uMntwana uMbonisi kweminye imizamo yokuketula iSilo esihlalweni

KwaNongoma: Umalume weSilo samaZulu usehlulekile futhi emizamweni yakhe yokuketula iSilo uMisuzulu kaZwelithini.

IJaji eliyiNhloko yeNkantolo yoMthethosisekelo uMandisa Maya utshele uMntwana uMbonisi Zulu weNdlunkulu iKhwezi nabanye abangu-23 ngoLwesithathu ukuthi ibhentshi lisinqabile isicelo sabo sokuba bafake incwadi efungelwe yokuphendula kanye nokuhoxiswa nezindleko.

UMntwana uMbonisi akaneme ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esethulwe ekuqaleni konyaka eqinisekisa iSilo uMisuzulu kaZwelithini njengendlalifa efanele yesihlalo sobukhosi. Umalume uselwela ukuthi uMntwana uBuzabazi kaZwelithini, indodana yeSilo uZwelithini kaBhekuzulu kanye neNdlovukazi uBuhle kaMathe waseNdlunkulu yakwaDlamahlahla, athathe ubukhosi kumfowabo.

UMntwana uBuzabazi ungowesithathu kuMntwana uMbonisi ngemuva kokulahla uMntwana uSimakade kaZwelithini kanye noMntwana uNhlendla kaZwelithini oyindodana yeSilo uZwelithini kaBhekuzulu iNdlovukazi uZesuliwe laMafu waseSigodlweni sasoNdini.

Lesi sinqumo sisho ukuthi uMntwana uMbonisi usezihambe zonke izinkantolo zaseNingizimu Afrika emkhankasweni wakhe wokukhipha ubukhosi bukaMisuzulu kaZwelithini.

EPort Shepstone: INational Prosecuting Authority ikwamukele ukugwetshwa kukaMpumelelo Tiger Shusha (45) iminyaka engu-23 ebhadla ejele yiNkantolo yesiFunda yasePort Shepstone.

UShusha walivuma icala lokugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi esebenzisa isihluku, elenziwa ePort Edward ngoLwezi ka-2023.

Ubufakazi obuphambi kwenkantolo buveze ukuthi ngomhlaka-24 kuLwezi ka-2023, uShusha kanye nozakwabo ababili bangena ngokungemthetho emzini wekhehla elineminyaka engu-75 lilele. Behlome ngommese wasehlathini nezinye izikhali bamshaya bamphuca nezimpahla zenani elingaphezulu kuka-R38 000 maqede babaleka.

Umshushisi uNkululeko Saziso Dlamini uveze ukuthi amacala mabi kakhulu futhi agcwele endaweni, wabe esedlulisela umbiko kadokotela ochaza ngokulimala kommangali.

OLundi: I-IFP kanye nomndeni wakwaMthimkhulu isimemezele ukuthi lizofihlwa eNewlands, oLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngeSonto ngomhlaka-7 kuNhlangulana ma-2026, ikhansela le-IFP kuMasipala waseRand West City, uCllr Mbuso Mzwandile Mthimkhulu.

UMthimkhulu (46) udutshulwe kabuhlungu wabulawa kulandela umhlangano womphakathi eBekkersdal ngeledlule. I-IFP ithe wakhethwa ngo-2021 futhi wasebenzela umphakathi wangakubo ngokuzinikela, ngokuzithoba nangobuqotho. Leli qembu lidlulise ukubonga kwalo kubantu baseNingizimu Afrika ngemiyalezo yokwesekwa, yokududuza kanye nemikhuleko abayitholile ngalesi sikhathi esinzima.

Esithombeni esingenhla: IJaji elikhulu uMandisa Maya usichithile isiphakamiso sikamalume weSilo uMisuzulu kaZwelithini uMntwana uMbonisi Zulu sokuketula iSilo samaZulu.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva