KwaDukuza: Unkosikazi wokuqala weSilo samaZulu, iNdlovukazi uNtokozo kaMayisela waseNdlunkulu kwaNkomonye, noNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Martine Meyer balethe ithemba ezinganeni zasemakhaya ezine-autism ngokunikela ngendawo yokwakha isikole KwaDukuza, eStanger, enyakatho neKZN.
UNgqongqoshe uMeyer uthe uMnyango uthathe isinqumo sokudedela izakhiwo ezingasetshenziswanga ezingu-81 ezihlonzwe ngesikhathi kwenziwa ucwaningo lwempahla yawo engu-10 067 KZN Public Works and Infrastructure. Ucwaningo luveze ukuthi zingaki izimpahla ezingasetshenziswanga, ezilahliwe noma ezathathwa ngokungemthetho. Le mpahla engu-81, okuhlanganisa namabhilidi namaphasela omhlaba, kutholakale ukuthi isebenzisa imali elinganiselwa ku-R2 billion kuma-rates futhi idla umnyango izigidi ngonyaka ngama-rates angasetshenziswa kwezinye izindawo.
KwaNdengezi: Amaphoyisa aKwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, abophe onogada abathathu ngecala lokuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nelokushaya ngemuva kokusabalala kwevidiyo yesigameko. Umshayeli we-e-hailing kusolwa ukuthi uhlaselwe kwadutshulwa nesondo lemoto yakhe ngesikhathi etholana phezulu nonogada abamataniswa nenhlangano yamatekisi ngoLwesithathu ekuseni.
Amaphoyisa athi umshayeli ubethatha abagibeli emgwaqeni uMR518 ngesikhathi evinjwa izimoto ezimbili zonogada. Ukwazile ukushayela kodwa walandelwa, imoto yakhe yashayiswa enye yezimoto zonogada yase ime nse. Unogada oyedwa kuthiwa udubule isondo lemoto ye-e-hailing kwathi abanye ababili bashaya umshayeli. Utakulwe ngamaphoyisa aseseduze.
EBhamshela: Amalungu eProvincial Tracing Team abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-20 no-22 ngokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni eNsuze, enyakatho neKZN, ngoLwesithathu.
Kwaqoqwa uphiko lwezobunhloli ngabasolwa okusolwa ukuthi banezibhamu ezingekho emthethweni endaweni yaseBhamshela. Amaphoyisa aqhube imikhankaso emibili yokumisa nokusesha ezindaweni ezinamasu. Esokuqala, endaweni yakwa-eKho, kuboshwe oyedwa oneminyaka engu-22 otholwe nesibhamu esingekho emthethweni. Owesibili, ngaseBhamshela Mall, oneminyaka engu-20 utholwe nesibhamu sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu ezingu-14.
Esithombeni esingenhla:uNdlovukazi Ntokozo kaMayisela kanye noNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi kanye nengqalasizinda uMartine Meyer, kanye nezikhulu zeMikhail D Foundation, banikele ngomhlaba ongasetshenzisiwe ukuze kwakhiwe isikole se-autism KwaDukuza.
Umthombo wesithombe: Imisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda
