Izindaba ezifingqiwe zase-KZN: Unkosikazi wowesilisa obulawe eRussia ucela usizo lokubuyisa isidumbu ekhaya

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

EKranskop: Unkosikazi womunye wabesilisa abangu-13 ababeyiswe eRussia usecele usizo kuNgqongqoshe wezokuThutha uSiboniso Duma ukuba asize ukubuyisela ekhaya isidumbu somyeni wakhe oshonele eRussia. Lokhu kuza ngemuva kwezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kukaSihle Makhaye(44), ezifike emndenini mhlaka-28 kuNdasa. UMakhaye ungomunye wabesilisa abebehanjiswe yindodakazi kaMnuz Jacob Zuma uDuduzile Zuma-Sambudla nozakwabo okuthiwa bathumela iqulu lamadoda eRussia ngamanga okuthi belibangise khona ukuze bathole amathuba emisebenzi. Kwabe sekubikwa ukuthi uZuma-Sambudla kanye nozakwabo bathole imali engaphezu kuka-R10-million kumaRussia. Lawo madoda, okuhlanganisa noMakhaye, agcina eseqhulwini empini eyayiphakathi kweRussia ne-Ukraine. Unina wezingane ezintathu ososizini kuMasipala wesiFunda uMzinyathi eKranskop uthinte uNgqongqoshe uDuma emcela ukuthi angenelele. “Unkosikazi uthi umyeni wakhe ubebuthelwe ukulwa empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine kodwa walufihla lonke udaba. Unkosikazi uthumele incwadi enemininingwane ngezinketho ezifana nokungcwatshwa kwamasosha eRussia noma ukushiswa nokubuyiselwa kwesidumbu, kanye nezindleko ekufanele zikhokhwe unkosikazi,” kusho uDuma. Konke lokhu okungenhla kuzokwenziwa phambi komndeni okufanele ulibangise eRussia. UDuma uxhumana noNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe uRonald Lamola ukuze athole umhlahlandlela.

EDurban: INkantolo yesiFunda yaseThekwini igwebe uVisvin Gopal Reddy(55), ngokuthi akhokhe  inhlawulo ka-R30 000 noma abhadle ejele izinyanga eziyishumi (ingxenye yazo ilengiswe iminyaka emihlanu ngaphansi kwemibandela), ngemuva kokuvuma icala lokugqugquzela udlame emphakathini. Icala likaReddy lihlobene nesigameko esenzeka mhlaka-5 kuNdasa ngo-2024 lapho ayekhuluma khona emhlanganweni wezepolitiki eShallcross, eThekwini, kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe lwango-2024. Lo mbuthano ubuyingxenye yemisebenzi esemthethweni yokukhankasela ipolitiki yeQembu loMkhonto weSizwe, eselimelwe uReddy njengelungu lePhalamende.

EVryheid: INational Prosecuting Authority iyasamukela isigwebo sika Bhekani Innocent Zwane(43),esiwudilikajele neminyaka emihlanu ebhadla ejele esethulwe iNkantolo yesiFunda yaseVryheid ngecala lokuthumba, ukudlwengula nokushaya owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala endaweni yaseLakeside Park eVryheid ngo-2020. Ummangali noZwane bebengazani.

Ngomhla ziyisithupha kuZibandlela wango-2020, ummangali wayezithokozisa nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma. Ngemva kwalokho, bahlukana futhi ummangali waphindela emzini wakhe. Esahamba, kwama  imoto enabantu abane okuhlanganisa noZwane. Bambamba ummangali bamdonsela esihlalweni esingemuva emotweni, base beya endaweni yaseLakeside Park.

 Esithombeni esingenhla: USihle Makhaye, owayengomunye wabesilisa abathunyelwa eRussia ngokuzenzisa uDuduzile Zuma-Sambudla, ushonele kuleliya lizwe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva