Izindaba ezifingqiwe zase-KZN: Osolwa ngokugebenga imoto yemali utholakale eshonile ngasemfuleni uThukela

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

ENkandla: Umsolwa ozilimaze ngesikhathi ehlomisa iziqhumane ngesikhathi kugetshengwa imoto yemali enkabeni yedolobha laseKranskop, KwaZulu-Natal ngoMsombuluko, utholwe eshonile emotweni ebilahliwe eduze komgwaqo owubhuqu ngasemfuleni uThukela obheke eNkandla ngoLwesibili. Imoto yemali iphucwe isamba semali esingadalulwanga kwathi onogada abathathu baphucwa izibhamu. Kubikwa ukuthi kuphinde kwadunwa izimoto ezine kanti abasolwa basebenzise zona ngesikhathi bebaleka. Abasolwa baphinde badubula bebhekise esiteshini samaphoyisa ngesikhathi kubanjwa inkunzi, nokho alikho iphoyisa noma ilungu elilimale. Umkhankaso wokuthungatha abanye abasolwa, okukholakala ukuthi bangu-12, uyaqhubeka.

EDurban: UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ukwamukele ukwesula kwamalungu ebhodi le-Ithala SOC Limited, engaphansi kwe-Ithala Development Finance Corporation, njengoba kwamukelwe futhi kwacutshungulwa eMhlanganweni Omkhulu Wonyaka walesi sikhungo muva nje. UNdunankulu ukugcizelele ukuthi lokhu kwesula kumele kuqondwe ngaphansi kwesimo esibanzi sezinyathelo eziwujuqu ezithathwa nguHulumeni wesiFundazwe ukusimamisa nokubeka kabusha Ithala njengesikhungo sezimali esithembekile, esiqinile nesibheke phambili esifeza izifiso zentuthuko yabantu baKwaZulu-Natal.  Ubalule ukuthi uhulumeni ukuncoma ngokusobala izinselelo zokuphatha, ukuthobela kanye nokusebenza okuye kwabhekana nesikhungo ngokuhamba kwesikhathi, futhi manje ugxile ekuphumeleliseni izixazululo ezifanele neziqhubekayo ezizobuyisela uzinzo futhi zakhe kabusha ukuzethemba komphakathi.

 

KwaNongoma: ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini sizothumela ithimba elaziwa ngeNgonyama Trust Royal Panel ukuyohlangana namaqembu epolitiki angu-13 kwangu-18 amelwe ePhalamende. Lokhu kuxoxisana kuzobe kuhloswe ngako ukudlulisa iziphakamiso zeSilo ngeNgonyama Trust ezogcina idinga ukuthi iPhalamende lenze izinguquko kumthetho weNgonyama Trust ka-1994 owachitshiyelwa ngo-1997.   Ithimba lizobe liholwa nguNdunankulu wesizwe samaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, lihlanganisa amakhosi, amalungu aphezulu omndeni wasebukhosini, izifundiswa nongoti bezomthetho. Ithimba seliyiqinisekisile imihlangano ne-ANC, i-DA, i-MK Party, i-EFF, i-IFP,i- ACDP,i- Bosa, i-ActionSA, i-i-Rise Mzansi,i- PAC,i- PA,i- FF Plus, i-ACDP ne-UDM. Imihlangano izoba izinsuku ezimbili ePhalamende mhlaka-22 nomhlaka-23 kuMbasa ngo-2026.

 

Esithombeni esingenhla: Umsolwa wemoto yemali utholwe eshonile emotweni yohlobo lweToyota Cross ebilahliwe eduze nomfula uTugela eNkandla.

 

Umthombo wesithombe: KZN SAPS

Izihloko zakamuva