Lubhalwe nguPalesa Matlala noSelloane Ntshonyane
UPalesa Motsoari uthi istokfela sakhe sokudla sondla umndeni wakhe cishe izinyanga ezine ngemuva kokulahlekelwa umsebenzi wakhe futhi engenamali engenayo.
Istokfela somshayeli weloli uMuzie Gumbi sikhokha imali oyongile kanye nenzalo njalo ngoZibandlela, sisiza ekukhokheleni imali yesikole kanye nezindleko zemikhosi.
Lapho uPalesa Motsoari elahlekelwa umsebenzi wakhe, wayesaba ukuthi ngeke akwazi ukondla umndeni wakhe. Umholo wakhe wama, kodwa ukudla okuvela kwistokfela sakhe kwaqhubeka kufika.
“Istokfela sokudla sangisiza ngempela mina nomndeni wami lapho ngixoshwa emsebenzini futhi ngingenayo imali engenayo,” kusho yena.
“Ngaphandle kwestokfela, izinto beziyoba nzima kakhulu ngoba bengingeke ngibe nemali yokuthenga ukudla, izinto zokugeza kanye nezinto zokuhlanza.”
Ukudla nezinto ezidingekayo zasekhaya kwahlala cishe izinyanga ezine, kunikeza umndeni wakhe okwanele ukuba aphile ngenkathi efuna umsebenzi. UMotsoari wajoyina i-istokfela sokudla nezinto zokugeza eminyakeni emibili edlule ngemuva kokuqaphela ukuthi wayezabalaza ukonga imali eyedwa. Ubekhipha u-R400 ngenyanga kanye namanye amalungu amahlanu.
Esikhundleni sokwamukela imali ekhokhwayo, leli qembu lihlanganisa imali yalo ukuze lithenge ukudla nemikhiqizo yasekhaya ngobuningi, lisebenzisa izitolo ezikhethekile, futhi lishintshanisa izimpahla phakathi kwamalungu njalo ngenyanga.
“Abantu kumele bahlale beqinile futhi bangalokothi bayeke. Uma kunezinselele, kumele bazixazulule ngenhlonipho. Izitokfela zidinga ukuziphatha okuhle nokwethembeka,” esho.
Abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezigidi ezingu-11 bangamalungu estokfela, besindisa izigidigidi zamarandi minyaka yonke ngezimpahla zokudla, imali yesikole, imingcwabo, amakhaya kanye namabhizinisi amancane.
Umshayeli weloli uMuzie Gumbi uthembele kustokfela sakhe ukuze alungiselele isikhathi samaholide. Lo oneminyaka engu-38 ube yingxenye yestokfela yamalungu angu-10 iminyaka emithathu, ekhipha y-R1,000 ngenyanga. Ekupheleni konyaka, amalungu athola imali yawo eyongiwe kanye nenzalo ephakathi kuka-R2,000 no-R3,000.
“I- stokfela siyangisiza ngonge imali ngoba uma ngigcina imali yami, ngigcina ngiyisebenzisa,” esho. “Njalo ngoZibandlela iyangisiza nginqobe izingcindezi zezimali zesizini yamaholide kanye nobunzima obufika ekuqaleni konyaka.” Inkokhelo yakhe ihlanganisa iyunifomu yesikole, izinto zokubhala, ukudla kanye nemali yesikole.
Njengoba iNingizimu Afrika igubha iNyanga Kazwelonke Yokonga ngoNtulikazi, okhulumela i-JustMoney uRamokebe Thamage uthe izitokfela zisabalulekile ngoba abantu abaningi baseNingizimu Afrika abasakwazi ukufinyelela ebhange elisemthethweni.
“Kulinganiselwa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abangaba yizigidi ezingu-7.3 abanayo imali ebhange okwamanje, futhi basebenzisa istokfela ukuze balondoloze imali noma bathole uhlobo oluthile lwesikweletu,” kusho yena.
UThamage uthe noma ubani ojoyina i-stokfela kufanele anqume ukuthi uyongelani imali, ajoyine abantu abamethembayo kuphela, futhi ahlole ukuthi iqembu linemithetho ecacile ebhalwe phansi yokukhokha, ukukhokha okuphuthelwe kanye nokuhamba.
KuMotsoari, umnikelo wenyanga ka-R400 wanikeza umndeni wakhe okungaphezu kokudla. Kwabanika ukuthula kwengqondo lapho bekudinga kakhulu.
Esithombeni esingenhla: UPalesa Motsoari uthi istokfela sakhe sokudla sagcina ukudla etafuleni cishe izinyanga ezine ngemuva kokulahlekelwa umsebenzi.
Umthombo wesithombe: UPalesa Motsoari
