Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kube nesiphithiphithi ezweni lonke njengoba abasebenzi abangaphansi kwe-Nehawu bebegcwele imigwaqo kuleli sonto.
I-Nehawu iqhubeke nalesi siteleka yize inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi kumiswe isiteleka.
Kwezinye izindawo imibhikisho yokunyuswa kemiholo isiphelelwe amandla.
Izibhedlela ezweni lonke zimile, futhi kwezinye izimo abasebenzi baye bavimbela iziguli ekutheni zithole ukunakekelwa ebezikudinga kakhulu.
NgoLwesithathu, izigameko eziphazamisayo ziholele ekutheni uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla avakashele isibhedlela iCharlotte Maxeke Academic eGoli ukuyohlola umthelela wezenzo zodlame neziphazamisayo zamalungu enyunyana atelekile.
UPhaahla uye wanquma ukunqamula izibopho zakhe zedayari okuhlanganisa nezimpendulo zomlomo zemibuzo ePhalamende, eKapa, ukuze ahlole umthelela wesiteleka ezibhedlela ikakhulukazi iCharlotte Maxeke.
Kwesinye isigameko esenzeke esibhedlela e-Stanger Provincial KwaDukuza, KwaZulu-Natal kuthiwa abahlengikazi abebetelekile bahlasele isithuthi seziguli emnyango wesibhedlela. Kuthiwa isithuthi seziguli besilethe ingane esesimweni esibucayi ukuze inakekelwe esibhedlela.
Kuthiwa abahlengikazi bazame ukukhipha isiguli esisesincane ngenkani, kodwa abasebenzi besithuthi seziguli bakwazile ukuphumela phandle.
Abasebenzi babe sebevinjwa ukuthi bahambe. Omunye wabasebenzi ushayiwe kodwa ukulimala bekungekubi kakhulu.
Okhulumela i-Cosatu kuzwelonke uSizwe Pamla uthe inyunyana iyibonile imibiko ephazamisayo yezigameko zodlame nokucekelwa phansi kwempahla ngabasebenzi bakahulumeni abatelekile.
“Yize sibaseka ngokugcwele abasebenzi abatelekile futhi sikholwa ukuthi impi yabo isemthethweni, siyabasola ngokuphazamiseka kwemisebenzi yomphakathi okudalwe isiteleka nanoma yiziphi izigameko zodlame noma ukucekelwa phansi kwempahla,” kusho uPamla.
Ezweni lonke iziguli bezivinjwa ukuthi zithole ukunakekelwa.
Kwezinye izindawo KwaZulu-Natal ezithintekile:
Isibhedlela sikahulumeni i-Stanger e-Dolphin Coast, i-Grays eMgungundlovu kanye nase-Hillcrest. Ngaphandle kwesibhedlela i-Greys eMgungundlovu abaphathi baxabene nabasebenzi bezempilo abangaphansi kwe-Nehawu.
EGoli:
Esibhedlela iBheki Mlangeni e-Soweto, abanye abasebenzi balale ngaphandle kwalesi sikhungo ngenxa yokusatshiswa. Ababhikishi bashise amathayi kuzo zonke izindawo zokungena bavimbela abasebenzi ukuthi bahambe.
Izikhungo zezempilo ezithinteke kakhulu kubalwa isibhedlela iHelen Joseph, iChris Hani Baragwanath, iThelle Mogoerane, i-Tembisa, iBheki Mlangeni, i-Kopanong, i-Sebokeng, i-Heidelberg, i-Leratong kanye ne-Carletonville. Imitholampilo yase-Heidelberg kanye ne-Ratanda nayo ithintekile.
E-Eastern Cape:
Isibhedlela iDora Nginza e-Gqebera sithintekile kwahoxiswa ukuyohlinzwa kwabesifazane abakhulelwe. Laba besifazane bebengakaziswa ukuthi kuzohlehliswa yini ukubelethiswa kwabo.
EMpumalanga:
Isibhedlela i-Sabie, i-Witbank kanye ne-Ermelo beziphakathi kwezikhungo zezempilo ezithintekile lapho iziguli ezingavunyelwe khona ukungena. Izimo eziphuthumayo kuphela okuhlanganisa nabesifazane ababelethayo ezivunyelwe kulezi zinsuku ezimbili ezedlule. Abasebenzi abasebenza lapho okuhlolwa khona amathambo nabo bavunyelwe ukuhlenga iziguli.
Esithombeni esingenhla: Isibhedlela iBheki Mlangeni e-Soweto
Umthombo wesithombe: Charity Moyo