Isiphakamiso seKumkani yesizwe samaMpondo kuhulumeni singehlisa ulaka lwezakhamizi ezikhala ngokuchithwa kuka-R600 million ekubeni zona zingasebenzi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

EzoBukhosi: IKumkani yesizwe samaMpondo isihlabe ikhwelo kuHulumeni ukuba aqale kusemanje aqhamuke nezinhlelo zokuthuthukisa intsha ngokwamakhono ehlukene ukuze ithole amathuba emsebenzi kusemanje.

Leli khwelo leKumkani uSilosohlanga kaDakhile Sigcawu libonakala lingamsiza uhulumeni ukwehlisa ulaka emphakathini njengoba abantu besathukuthelele ukuthi uyithathephi imali engu-R600 million yokuhlinzeka ezokuphepha ezweni ngosuku lwemibhikisho yeMarch and March ebingomhlaka-30 kuleli sonto esiphuma kulo.

Abantu bakhaliswa ukuthi kuthe uma bekhalaza ngemisebenzi kanye nokuthathelwa amathuba abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho, uhulumeni waqale wazithela ngabandayo. Kodwa kuthe uma ebona ukuthi kuyashuba, wavele wamemezela isamba semali eyizigidigidi zamarandi zokuhlinzeka ngezokuphepha

Abantu babuze ukuthi isivelaphi le mali ekubeni abantu bengasebenzi ngoba uhulumerni uhlale ethi akanamali.

Umholi weMarch and March , uNkk Jacinta maNgobese-Zuma uthe bayaqala ukubona ukuthi uHulumeni uyakwazi ukukhipha izigidi zamarandi uma abona kubekwa engcupheni izimpilo zabantu bokufika abakuleli ngokungekho emthethweni.

Yilaphoke ikumkani uSigcawu isiphakamise ukuthi uhulumeni akafake imali emikhakheni efana neyemisebenzi yasemahhotela, eyamakhono ehlukene neyasezimbonini ezifana nezitolo neminye ukuze kuqashwe abantu bakuleli.

IKumkani iyakholelwa ekutheni le mizamo ingehlisa ulaka olubonakala lubhenguza kubantu bakuleli abathi sebekhale isikhathi eside benganakiwe kuhulumeni.

Ngaphandle kwalokho ikumkani iyakugcizelela ukuthi izinhlaka zobukhosi ,ezamabandla nezomphakathi kudingeka nazo zihlale phansi ngokushesha ukuze kuxoxwe le nkinga yabakuleli ngaphandle kwamaphepha.

Ithi lezi zinhlaka yizo ezingaqhamuka nesisombululo esingcono njengoba uhulumeni kungekhona ukuthi uhlala ingunaphakade kodwa kuba iminyaka emihlanu abaholi baphume nokungenza ukuthi babengabantu abangezukukwazi ukuqhamuka nesisombululo esingaba isixazululo seminyaka ezimpilweni zabantu bakuleli.

Kuzokhumbuleka ukuthi izindawo zamakhosi nasemalokishini abantu abahlala khona yibo abashayeke kakhulu ngendaba yokungabi nawo amathuba emisebenzi.

Iningi lentsha ekulezi zindawo igcina ingatholi ngisho amathuba okusebenza emahhotela noma okwetha uphethiloli emagaraji ngoba kukhalwa ngokuthi kugcwele abokufika kuleli abangenawo amaphepha futhi abaqashwa izinkampani eziningi ngoba zifuna ukubaxhaphaza, ziphinde zibalekele nemithetho kaHulumeni evikela abasebenzi.

Izihloko zakamuva