Celani Sikhakhane
ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini noNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu bahlanganyele emthandazweni nezigidi zamakholwa ebandla lamaNazaretha.
Banyukele entabeni yaseKhenani, eNanda enyakatho neTheku, lapho amakholwa ebandla lamaNazaretha alandela uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe waseBuhleni, ebebuthene khona kulolu hambo olungcwele lwaminyaka yonke.
Bobabili labaholi babe nempelasonto enzima.
ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini ubematasa evikela ukunyukela kwakhe esihlalweni sobukhosi bukaZulu eNkantolo enkulu yaseMgungundlovu.
ULindiwe Sisulu uchithe impelasonto yonke ehlaselwa ngombiko okuthiwe intimbothi obumelene namajaji oHlanga, nomunye umbono abesolwa ngokuthi khona lapho awuthathe khona.
INkosana uThulani wendlu yaseNdlunkulu kaZulu uthe iSilo Samabandla uMisuzulu ubeye entabeni ngoba efisa ukuyobonga ukwesekwa ibandla lamaNazaretha njengoba bebhekene nezikhathi ezinzima.
“Ubonge ibandla ngokumeseka ngemuva kokushonelwa ngunina uNdlunkulu uShiyiwe Mantfombi owayeyibamba leNkosi noyise iSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu. Uthembise ibandla ukuthi zonke izinselelo indlu yaseNdlunkulu ebhekene nazo zizodlula,” kusho iNkosana uThulani.
Okhulumela uSisulu uSteven Motale utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unyukele entabeni eyocela umkhuleko ngezinkinga i-ANC ebhekene nazo.
“UNgqongqoshe ongumholi we-ANC. unyukele entabeni eyocela umkhuleko ukuze inhlangano yakhe idlule kwizingqinamba ebhekene nazo,” kusho uMotale.
Yize uSisulu ebehambele umthandazo kodwa ugcine esetshelwa nguMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa obekhona ukuthi iqembu lakhe lizohlulwa i-IFP ngo-2024.
USisulu ubhekene nengwadla ngemibhalo yakhe eyindida futhi iyakhula ingcindezi yokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa kumele amxoshe ngokugxeka uMthethosisekelo kanye namajaji enkantolo yoMthethosisekelo.
I-DA isicele uMengameli uRamaphosa ukuthi amxoshe.
Ophethe amajaji uRaymond Zondo uchaze umbono kaSisulu njengokweyisa amajaji oHlanga okuyinto engeyinhle neze.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uRonald Lamola, ophinde abe ilungu le-NEC ye-ANC, usole uSisulu ngokuhlasela ngokobuhlanga izikhulu zamajaji.
“Ukuhlasela izikhulu zamajaji ngokusebenzisa ukugxeka ngokobuhlanga angeke kufaniswe nenkulumompikiswano. Ukudelela isikhungo esigcina uMthethosisekelo kuphambene nakho konke ebesifuna ukukushintsha kusukela ngaphambi konyaka ka-1994,” kusho uLamola.