ISilo uMisuzulu ixwayisa ngokuhlaselwa kwabokufika

Lubhalwe nguPalesa Matlala

ISilo uMisuzulu sinxuse amaZulu ukuthi angabahlaseli abokufika, sathi abantu beza eNingizimu Afrika ngoba behlupheka befuna impilo engcono.

Isikhalazo sakhe siza ngemuva kokubulawa kowesilisa waseMalawi kwathi ababili balimala kanzima ngesikhathi sodlame oluhlobene nemashi yokungena kwabokufika ngokungemthetho eMgungundlovu.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini isinxuse ukuthi kube nokuthula njengoba kuqhubeka nokushuba kwesimo mayelana nokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho eNingizimu Afrika yonkana.

Sikhuluma emcimbini wokugubha i-12th International Day of Yoga obuse-Durban Amphitheatre ngeSonto, iSilo sinxuse amalungu esizwe samaZulu ukuthi angahlaseli noma alimaze abokufika.

Uthe abantu abaningi abafika eNingizimu Afrika babalekela ububha nobunzima befuna impilo engcono.

“Ngicela kini maZulu lingachitheki gazi ningashayi laba bantu ukuhlupheka kwabaletha lapha njengoba nathi sihlupheka nabo bayahlupheka” kusho iSilo uMisuzulu.

ISilo sithe sike sakhuluma nezishoshovu ezimelene nokufika kwabantu ngokungemthetho okubalwa uNkosikhona “Phakel’umthakathi” Ndabandaba noNgizwe Mchunu sagcizelela ukuthi akekho umuntu okumele ashaywe noma ahlaselwe.

“Akekho ofuna ukuzwa ubuhlungu,” esho.

Khona manjalo, iSilo uMisuzulu sithe kusamele ihlonishwe imithetho yezokufika eNingizimu Afrika.

“Asifuni muntu ongenamaphepha kuleli ngoba naso asikwazi ukuya emazweni abo singenazo izincwadi ezifanele,” usho kanje.

ISilo siphinde sagqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayamukele i-yoga, sathi igqugquzela ukuthula, ubumbano nokuzwana phakathi kwabantu.

Ukuphawula kwakhe kuza ngemuva kwezinsuku kuqubuke udlame eMgungundlovu.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ukugxeke kakhulu ukubulawa komuntu ongowokudabuka eMalawi nokushaywa kwababili emijondolo yakwaJika Joe ngoLwesihlanu.

Ngokwemibiko, bangaphezu kuka-2 000 abantu ababambe iqhaza emashini enokuthula yokulwa nokufika kwabantu kuleli isuka eDales Park ilibangise ehholo ledolobha laseMgungundlovu.

Nokho ngemuva kokuphela kwemashi kuthiwa kuneqeqebana eliqhamuke laqonda emijondolo lapho kusuke khona udlame.

Kushone owesilisa oyedwa waseMalawi kwathi ababili balimala kanzima baphuthunyiswa esibhedlela.

UNtuli uthe azikho izaba zodlame.

“Ukulahleka kwempilo yomuntu ngaphansi kwalezi zimo kuyadabukisa kakhulu futhi akwamukelekile,” usho kanje.

“Yize abantu benelungelo lokubhikisha ngokuthula, akukho sikhalo noma ukukhungatheka okungavuna ukubulala, ukushaya noma ukuqapha.”

UNdunankulu ucele amaphoyisa ukuthi abophe bonke abathintekayo kulokhu kuhlasela.

“Silindele ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu futhi olusheshayo. Labo abathintekayo kumele bagwetshwe,” esho.

Khonamanjalo, isaqhubeka imizamo yokuthutha abokufika abasuka ezinkambeni zesikhashana KwaZulu-Natal.
Umasipala waseMsunduzi uthe abokufika basuswa endaweni engekho emthethweni bayiswe endaweni ekhethiwe eThekwini.

Iminyango kahulumeni, amaphoyisa kanye nabamele iNxusa laseMalawi basebenzisana ukusiza labo abathintekile.

Kutshalwe onogada ukuze bagcine ukuhleleka ngesikhathi kusahlinzekwa ngamanzi nezinye izidingongqangi.

IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, ithe imizamo yokubuyisela abantu emakhaya isiqinile.

Uthe babalelwa ku-4,000 abantu asebexoshiwe noma babuyiselwa emakhaya ngokuzithandela.

“NgoLwesihlanu nje kuphela amabhasi ayisishiyagalombili abethwele abantu abangu-784 eMalawi,” kusho uXaba.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uphinde wenza amabhasi angu-20 ukuze kusheshiswe uhlelo lokubuyisela ezweni.

Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu kaZwelithini isinxuse ukuthi kube nokuthula yanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangabahlaseli abokufika naphezu kokushuba kwesimo mayelana nokuphuma kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva