Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Uphethiloli uzokwehla ngenani elingaphezu kuka-R2 ilitha ngoNtulikazi ngemuva kokuthi intengo kawoyela yehle kakhulu emhlabeni, kodwa intela kaphethiloli eyehlisa amanani kusukela ngoMbasa iphela ngomhlaka-1 kuNtulikazi.
Iholo eliphansi likazwelonke ngu-R4,836.80 ngenyanga kodwa iholo elilodwa londla abantu abane ekhaya labantu abamnyama baseNingizimu Afrika, okushiya umuntu ngamunye eno-R40 ngosuku.
Uphethiloli wehla ngoNtulikazi. Kodwa uhulumeni ubuyisela okuthile ngosuku olufanayo, futhi kubantu abaphila ngo-R40 ngosuku, umehluko ubalulekile.
Kusukela ngomhlaka-1 kuNtulikazi, ukukhokhwa kwentela kaphethiloli ebigcina uphethiloli ushibhe kancane kusukela ngo Mbasa kuyaphela. Lokho kusho ukuthi intela egcwele ibuyela emuva emalithani u-R4.10 kaphethiloli, u-R3.93 kadizili.
Ngokwako, lokho kungakhuphula amanani. Kepha amanani entengo kawoyela emhlabeni wonke ehle kakhulu kule nyanga ngemuva kokuba i-US ne-Iran befinyelele isivumelwano sokuthula. Lokho kwehlise izimakethe zikawoyela ngaphezu kuka-4% ngosuku olulodwa, kanti ukubalwa kwentengo kaphethiloli eNingizimu Afrika bekulikhu kwehle kusukela lapho. Njengamanje uphethiloli kulindeleke ukuthi wehle ngemali engaphezu kuka-R2 ilitha ngoNtulikazi. I-levy ebuyayo izokwehlisa lokho kulondoloza.
Intengo kaphethiloli esemthethweni ngoNtuliakzi izomenyezelwa ekupheleni kukaNhlangulana.
Kubagibeli kanye nemindeni ehola kancane, ngisho nokwehla okuncane emagalaji kuyabalimaza. Iholo eliphansi likazwelonke ngu-R4,836.80 ngenyanga. Ubhasikidi wokudla oyisisekelo womndeni wabayisikhombisa eGoli ubiza u-R5,811.08, ngokwe-May 2026 Household Affordability Index evela ku-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group. Lokho kungaphambi kokukhokhwa kwerenti, yezokuthutha noma imali yesikole.
Iholo elilodwa emndenini omnyama waseNingizimu Afrika londla abantu abane ngokwesilinganiso. Umuntu ngamunye uthola u-R1,209.20 ngenyanga. Lokho kungu-R40 ngosuku.
Okunye ukudla sekushibhile. Ilayisi, amazambane kanye nobhontshisi ushukela konke kubiza ngaphansi konyaka odlule.
Kodwa inkukhu eqandisiwe, okuyiprotheyini imindeni eminingi ethembele kuyo, inyuke isuka ku-R408.68 yaya ku-R444.56 ku-10kg. Sekukonke ukwehla kwamandla emali kwabathengi kufinyelele ku-4.5% ngoNhlaba, okuyisibalo esiphezulu kakhulu kusukela ngoNtulikazi ka-2024.
Isibonelelo Sikahulumeni Sezingane sikhuphuke ngo-R20 ngoMbasa safinyelela ku-R580. Ubhasikidi wokudla womndeni wabantu abane ubiza ngaphezu kuka-R5,000.
Esithombeni esingenhla: Umuntu ogibela amatekisi erenki yaseNingizimu Afrika.
Umthombo wesithombe: Pexels
