Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini ikhathazekile ngokuthi ukhetho oluzayo loHulumeni baseKhaya kungenzeka lubenodlame ngenxa yolaka lo mphakathi ngabokufika abangenamaphepha kuleli.
INdlulamithi ikusho lokhu ixoxa nabaholi be-DA abebezozethula kuyo esigodlweni saseMashobeni ngoLwesibili,oPhongolo njengoba besanda kukhethwa.
Ibatshele ukuthi abeseke uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa emizameni yokulungisa le nkinga yabokufika ngoba izwe libhekene nolaka olubi kakhulu.
“Abantu bayakhala futhi bathukuthele kakhulu ngokugcwala kwabokufika abakuleli ngaphandle kwamaphepha. Okubi ukuthi lokhu kuzophazamisa imizamo yokuthi sibenokhetho olunokuthula ezweni. Ngakho njengoba senizenafika lapha esigodlweni, ngiyaninxusa ukuba nisebenzisane ukweseka uMengameli wezwe ekutheni kulungiswe lesi simo ukuze abantu behlise imimoya ebukeka iphezulu,” kusho ISilo.
INdlulamithi ikusho lokhu nje nabeKhomishana ebhekele ukhetho sebekebakuzwakalisa ukukhathazeka kuyo beyivakashele eMashobeni ngodaba lokuthi iKZN ibonakala ingabanenkinga yokuba nokhetho olunokuthula ngenxa yesimo esiqhubekayo.
Umholi weDA, uMnuz Geordin Hill-Lewis uthe bakuthokozele ukubanengxoxo neSilo kanti bayitshelile ukuthi beyiqembu lezepolitiki,basike iphethini kubumbano ilukhonjiswa isizwe samaZulu nokuyindlela nabo abafuna ukusebenza ngayo uma sebephethe uHulumeni ukuze uyephambili.
UHill-Lewis ubuye wenza amancoko ngemuva kokuxishiswa ngesipho sehawu nomkhonto uNdunankulu kaZulu nobekuvela kuyo INdlulamithi.
” Ngibonga kakhulu kwiSilo ngalesi sipho esihle kangaka nesiyohlale siyigugu kimi. Engingakusho nje ukuthi ngizolisebenzisa leli hawu nomkhonto ngaphakathi kuDA ukuze ngiqondise izinto,” kusho uHill-Lewis.
Lo mholi babuye bamkhumbuza eNdlunkulu ukuthi uMnuz John Steenhuisen angene ezicathulweni zakhe, ubenobudlelwano obuhle kangakanani neSilo.
