Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Undunankulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sesimxoshile uShansela waso samphuca nesihlalo njengoba simvalelise ngokuthi “uMnumzane” esikhundleni sokumbiza ngeNkosi.
Lokhu kugqame esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu ntambama uButhelezi.
Kwenzeka lokhu ngemumva kwezinsolo ebezibhekiswe kwiNkosi uMalusi Zondi zokuthatha imali enkampanini yethenda ka-R20 billion yamanzi yaseMkhomazi nokuthiwa uZondi ubefuna imali ebizwa ngokuthi eyokugada umsebenzi.
Kuthiwa ugcine ekhokhelwa imali engu-R8.5 million kodwa yena uyakuphika ukuthi le mali ubekhokhelwa umsebenzi engawenzanga.
Esitatimemdeni esikhishwe uButhelezi, uthe iSilo siyabonga kakhulu “kuMnuz Zondi” ngemisebenzi ayenze esaphethe ihhovisi le Shansela.
“Isilo sithathe isinqumo sokuba sihlakaze ihhovisi leShansela lesi sinqumo iNdlulamithi isithathe ngemumva kokujula kabanzi ngakho iyabonga kuMnuz Zondi esinqume ukumdedela ahambe,” kusho uButhelezi.
Khonamanjalo kubuye kwabanendida njengoba kuthiwa uZondi uthi akulona iqiniso ukuthi usexoshiwe.
UZondi uqokwe kulesi sikhundla ngenhloso yokuxhumanisa iNdlunkulu nosomabhizinisi bamazwe omhlaba ukuze batshale imali kwelikaMthaniya.
Imizamo yokuthola uZondi iphunzile njengoba ubengatholakali.
Kwenzeka lokhu nje kubuye kwavela amahlebezi okuthi uZondi usesibhedlela eMhlanga kodwa umkhulumeli wakhe ukuchithile lokhu wathi akaguli ndawo futhi akaze ayesibhedlela.
