Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
UTheodorah Mongwe wethula i-Uhlurile Chickens e-Tzaneen ngo-2018 ekhulelwe, ngemuva kokungawutholi umsebenzi.
Ngohlelo lwakhe oluthi ‘Rivoningo I vavasati’, okusho ukuthi ‘ukukhanya okwabesifazane’, uMongwe manje ufundisa abanye besifazane baseLimpopo ukulima ukuze baziphilise.
UTheodorah Mongwe uneziqu zezempilo. Uchithe iminyaka ethumela izicelo, kodwa engawutholi umsebenzi.
NgoNhlolanja ka-2018, ekhulelwe futhi ebuka umndeni wakhe uphelelwa imali, wenza isinqumo. Wayengeke esalinda. Waphendukela ekulimeni, engenalwazi ngakho.
“Njengoba ngangibhekene nesibopho esijulile somntwana ozozalwa, ngangazi ukuthi ngeke ngihlale ngilinde imakethe yemisebenzi engakaze ingiphendule,” uMongwe etshela iScrolllla.Africa.
Waqala Uhlurile Chickens eTzaneen. Udayisa amaqanda, ama-broilers, isipinashi, utamatisi, u-beetroot kanye ne-butternut kubadayisi, ezitolo kanye nakubantu bendawo.
Uhambisa umuzi nomuzi. Ngonyaka odlule wengeza ipulazi lezingulube, eqala ngezingulube ezimbalwa.
Ngohlelo lwakhe olubizwa ngokuthi i-Rivoningo Ra Vavasati, igama lesiTsonga elisho ukuthi “ukukhanya okwabesifazane”, ufundisa abanye abantu besifazane amakhono nezindlela zokulima ukuze bondle imindeni yabo futhi baziphilise.
Omunye wabafundi bakhe nguNtwanano Maunatlala waseDan Village ngaphandle kwaseTzaneen.
UMaunatlala useqhuba owakhe umsebenzi wokufuya izinkukhu, edayisela abantu bendawo izinkukhu.
Umyalezo kaMongwe kwabanye abasebasha abathweswe iziqu abahleli neziqu abangawutholi umsebenzi.
“Ungaqala ngokulungisa ingadi encane ekhaya ngaleyo ndlela ngeke ulale ungadlile,” kusho yena.
“Ukulima sekushintshile,akusafani nakudala, kodwa kune-agri-engineering kanye nomkhakha wezobuchwepheshe, oheha kakhulu intsha.”
Esithombeni esingenhla: UTheodorah Mongwe, umsunguli we-Uhlurile Chickens, epulazini lakhe e-Tzaneen, eLimpopo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
