ISilo sithi akungasetshenziswa amaTsonga ukuzonda uZulu ekubeni inkinga enkulu kungabokufika kuleli abangenamaphepha

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

EzaseBukhosini: Ingonyama yesizwe samaZulu ikhwele yadilika kulabo asebephendule imibhikisho yokuxosha abakuleli ngokungemthetho njengenzondo ebhekiswe kuyo nakuZulu wonkana.

Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini iphawule okokuqala selokhu kwaqala imibhikisho eholwa iMarch and March ngemumva kokuthi sekukhona abayihlaselayo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kusolwa amaZulu ngokucwasa amaTsonga.

Ekhuluma egameni leNgonyama, uMntwana uThulani Zulu waseZibindini uthe iSilo siyazibuza ukuthi kungani kubandlululwa uZulu kangaka ekubeni kungabantu baseNingizimu Afrika abasebenzisa ilungelo labo ukulwa nezinkinga ezibahlukumezayo emphakathini.

Isigameko sakamumva sokubulawa komfana waseLimpopo eMossel Bay, eKapa nobefunda khona kususe omkhulu umsindo lapho abanye bethi ubulawe amaZulu namaXhosa ngoba enguMtsonga.

“Ungathi lemibhikisho igcwele zonke iziFundazwe futhi iholwa abantu abehlukene abakhuluma nezilimi ezahlukene bese kugxekwa uZulu? Kanti lezi ziFundazwe ziholwa iSilo samaZulu yini njengoba kugxekwa sona nesizwe saso? Ngithi ayiphele lento ngoba izoqhatha izwe,” kusho iNgonyama.

Nakuba kukhona abaphehla inzondo yokuba amaZulu namaXhosa abukwe njengezizwe ezizonda amaTsonga neziwathatha njengabokufika kuleli kodwa bakhona abangamaTsonga asebephumele obala bethi abasobe bavume ukuba baqhathwe nalezi zizwe ngoba bangabandawonye.

Abanye basola osopolitiki abathile ngokuphehla impi yobuzwe ikakhulukazi yokuba amaTsonga abone amaZulu namaXhosa kuyizitha zawo.

Izihloko zakamuva