Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abasolwa abane kumele babike njalo esiteshini samaphoyisa futhi abavunyelwe ukusabisa noma ukubona ofakazi ecaleni lokuqola.
Udaba luzobuyela eNkantolo yeMantshi yaseDelmas ngomhlaka-1 kuMandulo ka-2026, lapho icala lizoqhubeka lize liphothulwe.
Isikhulu samatekisi eMpumalanga uJoe “Ferrari” Sibanyoni kanye nabanye abasolwa abathathu baphume eNkantolo yeMantshi yaseDelmas ngoLwesine ngemuva kokuthola ibheyili ka-R70 000 umuntu emunye.
USibanyoni, Bafana Sindane, uMvimbi Masilela noPhilemon Msiza basolwa ngokuqola usomabhizinisi wezimayini imali engaphezu kuka-R2.2 million phakathi kuka-2022 no-2025.
Inkantolo yabeka imibandela eqinile yokuthi bakhululwe. Bobane kumele babuyele enkantolo ngomhlaka-1 kuMandulo ka-2026 ngo-08:30, nanoma yiziphi ezinye izinsuku kuze kube yilapho icala liyaphothulwa. Kufanele futhi babike njalo esiteshini samaphoyisa, isiteshi esithile kanye nezikhathi zokubika kusazovunyelwana nohulumeni.
Inkantolo ikubeke kwacaca ukuthi kuzokwenzekani uma omunye wabo ephuma emgqeni.
“Akumele usabise noma uthuse ofakazi ngokuqondile noma ngokungaqondile. Akumele wenze noma yiliphi elinye icala. Ukwehluleka ukunamathela kunoma yimiphi imibandela yebheyili kuzoholela ekutheni ibheyili yakho yesulwe futhi kukhishwe nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakho,” inkantolo iyala.
Leli cala selokhu laqala liba nezinkinga. Icala lihoxiswe ngesonto eledlule ngemuva kokuthi umshushisi omkhulu wombuso u-Adv Mkhuseli Ntaba ehlulekile ukuvela esigcawini sebheyili. INational Prosecuting Authority yaphinde yalibhalisa kabusha icala eDelmas ngemuva kokubhidlika, uSibanyoni noSindane bafaka isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yokuvimba ukuboshwa kwabo ngaphambi kokuba bavele enkantolo.
Esithombeni esingenhla: Isikhulu samatekisi saseMpumalanga uJoe “Ferrari” Sibanyoni naboshwe nabo besethekwini.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
