Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isicelo esiphuthumayo seNkantolo eNkulu efakwe eMbombela ngoLwesine sithi inkantolo yaseDelmas ayinawo amandla okukhipha izincwadi ezigunyaza ukuboshwa.
Icala lokuqola lihoxisiwe ngemuva kokuthi umshushisi wombuso ehlulekile ukuvela enkantolo ekuqaleni kwale nyanga.
UJoe “Ferrari” Sibanyoni nasolwa naye uBafana Sindane abagcini nje ngokulwa nokuboshwa kwabo.Baphikisana nenkantolo eyabanikeza amaphepha agunyaza ukuthi baboshwe.
Laba bobabili bafake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu eMbombela ngoLwesine sokumisa amaphoyisa ukuthi akhiphe izincwadi ezigunyaza ukuboshwa (J50).Esicelweni baphikisa ngokuthi amacala abasolwa ngawo angaphansi kweNkantolo yeMantshi yaseKwaggafontein, hhayi iNkantolo yeMantshi yaseDelmas.
“Imantshi yaseDelmas yayingenalo igunya, namandla okukhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwabo emacaleni enziwe endaweni yaseThembisile Hani,” sifundeka kanjalo isicelo.
USibanyoni, uSindane kanye nabanye abasolwa uMvimbi Masilela noPhilemon Msiza baboshwe ngasekuqaleni kwenyanga bathweswa icala lokuqola nokushushumbisa imali. Icala limayelana nezinsolo zokuthi leli qembu laqola imali engaphezu kuka-R2 million yokuvikela usomabhizinisi wezimayini.
Udaba lwahoxiswa ngemuva kokuthi umshushisi omkhulu wombuso u-Adv Mkhuseli Ntaba ehlulekile ukuvela enkantolo. INational Prosecuting Authority imemezele ngoLwesithathu ukuthi izolibhalisa kabusha icala eNkantolo yeMantshi yaseDelmas.
USibanyoni noSindane bathi lesi sinyathelo besingekho emthethweni. Esicelweni sabo bathi ukuboshwa kuzobalahlekisela inkululeko, kudale ukuhlukumezeka nokulimaza isithunzi sabo nakakhulu. Bathi awukho omunye umzila osemthethweni abavulekele wona.
Kulindeleke ukuthi udaba luqulwe ngomhlaka-2 kuNhlangulana. Okhulumela i-NPA, uKaizer Kganyago, ukuqinisekisile ukuthi amaphepha ahanjisiwe.
“Amaphepha asehleliwe manje,” kusho uKganyago.
Esithombeni esingenhla: Isikhulu samatekisi saseMpumalanga uJoe “Ferrari” Sibanyoni kanye nabasolwa naye ngesikhathi bevela enkantolo edlule.
Umthombo wesithombe: NPA
