Lubhalwe nguRorisang Modiba
USqiniseko Mvelase ubekhuluma nabalandeli kwividiyo ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu washona ngomhlaka-29 kuNhlaba ka-2025.
Lesi sihlabani esineminyaka engu-29 ubudala sisuke KwaZulu-Natal saya e-Nigel ngaphambi nje kwalesi sigameko, okumanje amaphoyisa asiphenyayo.
USqiniseko Mvelase ongusaziwayo ku-TikTok nodume ngokuhlaziya kwakhe umculo kamaskandi, udutshulwe wabulawa ekhuluma nabalandeli bakhe kwividiyo yangomhlaka-29 kuNhlaba.
Lesi sigameko senzeke emzini wakhe e-Nigel, eKurhuleni, esanda kusuka KwaMaphumulo KwaZulu-Natal.
UMvelase ubekhuluma nabalandeli bakhe bukhoma ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu. Ividiyo emfushane eyabiwe ku-inthanethi imkhombisa ezama ukubaleka ngaphambi kokuthi isikrini sibe mnyama. Imibiko ithi ushayasibhamu udubule amahlandla angaphezu kuka-15.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokubulala kodwa wathi imbangela ayikaziwa.
“Singaqinisekisa ukuthi kuphenywa icala lokubulala,” etshela i-Daily Sun.
Abanye abalandeli bambize njengomuntu obengesabi, kuyilapho abanye bethi ukuphawula kwakhe bekuhlezi kugcona abanye futhi kungenzeka ukuthi kucasule abanye ababukeli.
Oyedwa ubhale ukuthi: “Ubevame ukusho noma yini ayifunayo, ngisho noma icasula abanye. Mhlawumbe ucasula umuntu ongafanele. Noma kunjalo sidlulisa amazwi enduduzo kwabathandekayo bakhe.”
Omunye uthe: “Udlame nezinto ezinjengalezi azisalawuleki eNingizimu Afrika. Kuyadabukisa kakhulu.”
Umngani kaMvelase uThabang Khumalo uthe umndeni wakhe uqale izinhlelo zomngcwabo ngosuku olulandela isigameko.
Amaphoyisa acele ongaba nolwazi ukuthi athinte iCrime Stop ku-08600 10111.
Osesithombeni esingenhla: USqiniseko Mvelase.
Umthombo wesithombe:
