Isifundazwe sase-Eastern Cape sesiphila ngemali ebekwe eceleni 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Uhulumeni wase-Eastern Cape uvumile ukuthi usuneminyaka engaphezu kweyishumi usebenzisa imali ebekwe eceleni – nokubeka isifundazwe engcupheni yokusweleka kwezimali.

UMqondisi woMgcinimafa esifundazweni, uMnuz Daluhlanga Majeke, uvumile ukuthi uhulumeni kwakumele asebenzise imali elinganiselwa ku-R14 billion kusukela ngo-2013 ukulungisa inkinga yokushoda kwezimali eminyangweni eyahlukene.

UMajeke uthe u-R10-billion wathathwa ukuxhasa uMnyango wezeMpilo eminyakeni edlule.

Nokho, lowo mnyango usasemuva ekuhlinzekeni ingqalasizinda nezinsizakalo ezidingekayo.

Yize uMajeke engadalulanga isamba semali esele esikhwameni sesifundazwe, uthe le mali izothwala uhulumeni wesifundazwe kuze kube unyaka wezimali olandelayo.

“Izokwazi ukusithwala unyaka wonke, okusho ukuthi kusukela kulo nyaka wesabelomali size sifike kolandelayo singakwazi ukusimamisa isifundazwe njengoba sizama nokuletha izindlela ezithile eziwusizo,” kusho uMajeke.

Isabelomali sase-Eastern Cape sika-R95.4 billion esethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali esifundazweni uMnuz Mlungisi Mvoko eBhisho ngoLwesibili sishoda ngo-R2.5-billion, nokuholele ekutheni uhulumeni aphinde asebenzise imali ebekwe eceleni.

“Iminyango yethule izabelomali ezingaphezulu, kwadingeka ukuba sibheke ukuthi yini ethengekayo nebekwe eqhulwini,” kusho uMvoko.

Umgcinimafa wesifundazwe kudingeke ukuthi athathe u-R800-million emalini ebekwe eceleni kanye no-R1.7-billion emalini etholwa uhulumeni wesifundazwe.

Amaqembu aphikisayo asegxeke uhulumeni oholwa yi-ANC athi lesi senzo siwubudedengu.

Ilungu le-DA ePhalamende uYusuf Cassim uthe: “kusetshenziswa imali ebekwe eceleni ngokweqile okushiya ngaphandle u-R5-billion okhulayo nokweletwayo kwisabelomali samanje.”

Ilungu lePhalamende le-EFF uZilindile Vena usole uhulumeni we-ANC ngokuzama ukubhidliza isifundazwe.

“Kusho ukuthi la maqabane ayatatazela.  Bayazi ukuthi ngeke babuye ngemuva kokhetho ngakho lena yindlela yabo yokubhidliza yonke into,” kusho uVena.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho e-Eastern Cape uMlungisi Mvoko ethula isabelomali sesifundazwe sika-2024-25 eBhisho ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva