Isibhixene kuMkhonto WeSizwe 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuxabene ubendle eqenjini lamahlubuka kaKhongolose uMkhonto weSizwe ngenxa yezinsolo zetulo loluketula owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Leli tulo kuthiwa liphehlwa umsunguli woMkhonto weSizwe uMnuz Jabulani Khumalo, owayeyiphini likaMengameli uMnuz David Mabuza nelingu lophiko lwentsha kule nhlangano uMnuz Thami Khuzwayo. 

Lezi zinsolo okuthiwa sezixove iqembu zivezwe uMnuz Bonginkosi Khanyile ongumholi wesikhashana wophiko lwentsha loMkhonto weSizwe ngesikhathi ekhuluma eThekwini ngempelasonto.

UKhanyile ugcine esexosha abanye abaholi noKhuzwayo embuthanweni ethi bayizinyoka ezizohlukumeza uZuma.

“Siyazi ukuthi uKhumalo noKhuzwayo bafakelwe imali nguDD Mabuza ukuba kuchithwe uZuma ngoba bethi usemdala. Ngithi uZuma ima nimibona manje ngoNhlolalanja ukuthi usemdala? Ubengemdala yini ngesikhathi ememezela uMkhonto weSizwe ngoZibandlela ethi uzowuvotela? Siyazi ngomhlangano wokuketula uZuma obuseMhlanga lapho ebenipheka khona itulo lokuketula uZuma,” kusho uKhanyile.

Lezi zinsolo sezidale udungunyane kuleli qembu njengoba uKhanyile kukhona abamnuka ngokuxova okuthiwa unomlando ongemuhle wokuhambe ehlakaza amaqembu nangokuxoshwa kuwo.

Kuthiwa kuyimanje unqabela ngisho abafundi ukuba bavule uphiko lwabo loMkhonto ezikhungweni zeMfundo ephakeme.

“Akenimubuze ukuthi uyithathaphi imali yokulala emahhotela. Niphinde nimubuze ukuthi ubathathaphi abaqaphi ekubeni sonke singenamali. Inkinga ngoKhanyile ukuthi uyasetshenziswa. Nalapha kuMkhonto weSizwe uthunyiwe ukuba azowuxova ukuze iphele indaba yawo. Empeleni indaba yoMkhonto isifana nengekho ngoba noKhumalo sifuna avele leli qembu ayolicisha kwa-IEC ngoba sekuyacaca ukuthi uzophilela ukuthukwa yilo mfana osewaqede wonke amaqembu ewaxova,” kusho omunye umholi ongathandanga ukudalulwa igama.

UKhuzwayo onukwa etulweni lokuketula uZuma uthe uhlela ukuthathela uKhanyile izinyathelo zomthetho ngokumethuka nokumuhlanganisa nezinsolo angazazi.

“Sinenkinga lapha ngesidlova esinguKhanyile esifike embuthweni nokweyisa nokuba undlovukayiphikiswa. Okokuqala angikaze ngibe nomhlangano wokuketula uZuma. UKhanyile ungithukile wathi mina ngigwazelwa uDD Mabuza noBheki Mtolo. Labo bantu angibazi futhi akaze ngihlangane nabo empilweni yami,” kusho uKhuzwayo.

Uqhube wathi kumele ibhekwe indaba kaKhanyile ngoba kuyimanje unabaqaphi kungumkhuba abangawazi uvelaphi kumuntu osebuholini boMkhonto.

Uveze nokuthi uKhanyile ufike nomkhuba kaKhongolose wokuxosha umuntu kungayiwanga ngisho ekomitini lokuqondiswa izigwegwe.

OwayenguNobhala Jikelele we-EFF uMnuz Godrich Gardee ubhalele indodakazi kaZuma uDuduzile ecela ukuba kukhuzwe uKhanyile ukuba ayeke ukuvele akhwela edilika ngenhlamva kuMnuz Julius Malema uma ethula izinkulumo. Imizamo yokuthola uMabuza noKhumalo igcine iphuntshile.

Izihloko zakamuva