Isalakutshelwa sibona ngomopho

Angeke ukususele enqondweni lokhu.

Sekuyizinyanga uMengameli waseMelika uDonald Trump enqaba ukugqoka isifonyo futhi ubeyithatha kancane i-Covid njengoba isibulale abantu abangama-200,000 eMelika.

NgoLwesine ebusuku igciwane elincane lize lamfica. Umemezele ukuthi yena nonkosikazi wakhe uMelania bahlolwe batholakala ukuthi bane-Covid.

Leli bhomu liqhamuka nje kusasele amasonto ambalwa ngaphambi kokhetho lokuba ngumengameli mhla zi-3 kuLwezi.

Lolu ukhetho olubaluleke kakhulu emhlabeni nasesizukulwaneni. Uma uTrump ezuza elinye ihlandla leminyaka emine, singalindela impi, izinxushunxushu kwezomnotho, kanye nokushisa okusheshayo emhlabeni wonke jikelele.

UTrump uguqule ezombusazwe, waletha ukucwasana ngokwebala kanye nemibono eyeqisayo yokwakha uzungu futhi useqambe amanga angaphezu kwama-22,000 esikhathini esingaphansi kweminyaka emine.

Ngenkathi elulaza igciwane futhi ethengisa amakhambi odokotela, uTrump ubambe imihlangano emikhulu yabasekeli bakhe, iningi labo bebengazigqokile izifonyo.

Ngesikhathi senkulumompikiswano yokuqala ngoLwesibili ebusuku uTrump ubegcona lo abebephikisana naye, uJoe Biden weqembu le-Democrats’ ngokugqoka isifonyo.

Izihloko zakamuva