Isadlubhedu iJerusalema emculweni

Sizwe Sibiya

Ingoma kaMaster KG eshisa izikhotha eyaduma umhlaba wonke ethi “Jerusalema”, ayicula nomculi uNomcebo Zikode, manje isibukwe ngabantu abayisigamu sezigidigidi ku-YouTube.

“Konke lokhu bekuyiphupho!! Sifinyelele kwisigamu sesigidigidi,” kubhala uMaster KG ekhasini lakhe le-Instagram ngoMgqibelo.

UMaster KG ube yiciko lokuqala laseMzansi kanye naku-YouTube ukufinyelela ekutheni ingoma yakhe ibukwe ngabantu abangaphezu kuka-500 million emashadini omculo.

Abanye abaculi bamanje abasondele kwinani elifana nelakhe ku-YouTube ngabaculi bangakubo e-Limpopo, uMakhadzi kanye noKing Monada.

Ividiyo, eyakhishwa ngomhlaka-13 kuZibandlela ngo-2019, yayisibukwe ngabantu abangaphezu kuka-50 million ngoNtulikazi ngo-2020.

Ingoma yakhe yango-2018 ethi-“Skeleton Move”, ayicula nomunye umculi odumile, uZanda Zakuza, isendaweni yesibili kwikhathalogi yakhe yamavidiyo omculo njengoba isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-38 million. Lokho kulandelwa eduze yi-remix  yeJerusalema” ebukwe ngabantu abangaphezu kuka-29 million selokhu yakhishwa ngoMfumfu ngo-2020.

Ngokuhlukana, i-remix yesi-Latin America “yeJerusalema” ehlanganisa umculi wase-Colombia uGreicy, umrepha wase-Venezuela uMicro TDH kanye nomculi walengoma uNomcebo isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-60 million.

UMaster KG weqe izinombolo ezincomekayo eziqoqwe iqembu lomrepha baseKapa elinamalungu amane elaziwa nge-Die Antwoord. Ingoma yabo yamazwe ngamazwe yango-2012 enesihloko esithi-“Baby on Fire” ibukwe ngabantu abangaphezu kuka-260 million ku-YouTube kanti icishe yathandwa ngabangu-2 million.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva