Iqhaza lebandla lakwaShembe ekuzalweni kukaButhelezi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

IBandla lakwaShembe libambe iqhaza elikhulu ekuzalweni koMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Ngokusho kwentatheli yezepolitiki ephinde ibe ngumbhali wezomlando wakwa-SABC uMenzi Jele uthi uMntwana uMagogo, indodakazi yeSilo uDinuzulu, wacela ukuqondiswa ngokomoya ebandleni ukuze akhulelwe ingane.

Phezu kokungabaza ukuthi angaba nengane njengoba umyeni wakhe iNkosi uMathole Buthelezi wayeneminyaka engu-70 ubudala, wabeletha indodana

UMntwana uButhelezi ubenodade oyedwa uMntwana uMorgina Dotwana, owagcina eshade nosomabhizinisi wase-Eastern Cape kanye nodokotela uDkt. Mafu Dotwana. Ukuxhumana kwalo mndeni ngokomoya nebandla lakwaShembe akunakuphikiswa.

Engxoxweni yakamuva ku-SABC Channel 404, uSolwazi Otty Nxumalo udalule ukujula kobudlelwano bukaButhelezi ngokomoya. “UButhelezi ubenobudlelwane obuqinile nebandla lakwaShembe futhi ubevame ukuvuma ukuthi uyingane yaseKuphakameni,” kusho uNxumalo.

Imilando kaJele iqinisekisa izimo ezimangalisayo mayelana nokuzalwa kukaButhelezi. UMntwana uMagogo wagana inkosi uMathole owayeneminyaka engu-70 engenandlalifa.

Esephelelwe yithemba lokuthola umntwana, waphendukela ebandleni lakwaShembe eKuphakameni ukuze aqondiswe ngokomoya. Ezinyangeni ezimbalwa, wayesekhulelwe.

Ngomhlaka-27 kuNcwaba 1928, kwazalwa uMntwana uMangosuthu Buthelezi. Uyise, owaqala waba nokungabaza wajabula ezwa ngalezi zindaba. Ngenjabulo inkosi yathi, “Amanga asoSuthu” lavela kanjalo-ke igama lakhe elithi Mangosuthu.

Ukuzalwa okuyisimangaliso okwagqugquzelwa yiBandla lakwaShembe, kwengeza ulwazi olwengeziwe mayelana nokuxhumana okungokomoya nomlando kaZulu.

Esithombeni esingenhla: UMntwana uMangosuthu Buthelezi nomama wakhe uMntwana uConstance Magogo kaDinuzulu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva