IPolokwane isilungele ukwamukela iBafana

Lubhalwe nguRazeen Gutta

  • IPeter Mokaba Stadium ese-Polokwane isilungele ukusingatha umdlalo weBafana Bafana wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngemuva kokulungiswa kwenkundla.
  • Umqeqeshi uHugo Broos uyincomile inkundla ethuthukisiwe, wathi isesimweni esikahle kakhulu emdlalweni omqoka ne-Lesotho.

IPeter Mokaba Stadium, ese-Polokwane, isigunyaziwe ukuthi ikwazi ukusingatha umdlalo obalulekile weBafana Bafana wokuhlungela i-2026 Fifa World Cup ne-Lesotho ngoLwesihlanu ngemuva kokulungiswa ngempumelelo kwenkundla.

Inkundla yalimala ngemuva kwedili lomculoi kaMakhadzi i-One Woman, eyadayisa amathikithi angu-46 000, okwaphoqa ukuthi imidlalo yebhola ikhonjwe kwezinye izindawo.

Ngemuva kokulungiswa ngokuphelele, inkundla isilungele ukusebenza njengoba iNingizimu Afrika izobhekana ne-Lesotho kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uyihlolile inkundla ngesonto eledlule wathi usijabulele kakhulu isimo sayo.

“Ngesikhathi bengitshela nge-Polokwane, into yokuqala engiyishilo – ngoba ngake ngayibona imidlalo kuleyo nkundla – ngathi uma inkundla ibheda, angeke sidlale kuyo,” uBroos etshela abezindaba.

“Abantu baqala umsebenzi, manje inkundla isilungile. Bengikhona ngesonto eledlule. Kubukeka kukuhle impela. Ngakho-ke, asinazo izaba, uma singawutholi umphumela esiwufunayo uma sibhekene ne-Lesotho, singakhali ngenkundla ngoba ibiynhle’ futhi imangalisa. Benze umsebenzi omuhle, futhi ngijabule kakhulu ngawo.”

Lo mdlalo uyingxenye yohambo olungakagunyazwa lokuhambela izwe lonke njengoba umfelandawonye webhola lezinyawo ubheke ukuxhumanisa abalandeli neqembu lesizwe.

Kusukela yabuyiselwa ngo-1992, iBafana Bafana isidlale cishe ingxenye yemidlalo yayo e-Gauteng. 

Kodwa ngemuva kokubuya ku-Africa Cup of Nations ka-2023, sebevele sebedlala e-Eastern Cape, e-Western Cape nase-Free State.

Esithombeni esingenhla: IPeter Mokaba Stadium

Umthombo: @polokwanemuni

Izihloko zakamuva