Lubhalwe nguBuziwe Nocuse
Iphoyisa lomphakathi laseKapa licishe lashona noma lalimala kanzima ngesikhathi kidutshulanwa ukube belingekho ibhande lalo likaseyili owugqinsi.
NgeSonto ngabo-7 ebusuku amaphoyisa abeqapha elokishini iNyanga eKapa azame ukumisa umshayeli we-Toyota Avanza.
Umshayeli uqale wenqaba ukuma kodwa ngesikhathi ebona ukuthi ngeke akwazi ukubaleka uye wama. Abantu abathathu baphume emotweni bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni yamaphoyisa.
UJP Smith oyilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuphepha eKapa uthe elinye iphoyisa lidubuleke enqulwini ngesikhathi kudutshulwana kodwa inhlamvu yabhajwa ebhandeni.
Leli phoyisa libe nomhuzuko nje kuphela.
“Lesi isibonelo somsebenzi omuhle owenziwa abasebenzi bethu nsuku zonke,” kusho uSmith.
“Emasontweni amabili edlule, amaphoyisa ethu athole izibhamu okungenani eziyisishiyagalolunye, aphinde athola nezimoto ezine ebeziduniwe.”
ULuzuko Kula oyisakhamuzi saseNyanga, ukholelwa ekutheni abomthetho kumele bazivikele ngokwenza isiqiniseko sokuthi bayababulala abasolwa ababadubulayo.
“La maphoyisa ayaphuma ayosivikela. Noma isiphi isigebengu esibadubulayo sinenhloso ecacile yokubulala amaphoyisa. Ukube kuya ngami ngabe ngitshela amaphoyisa ukuthi adubule abulale. Ngokwenza lokhu bazobe bethumela umyalezo oqinile kwezinye izigebengu ezicabanga ukudubula amaphoyisa,” kusho uLuzuko.
“Sesilahlekelwe izikhulu ezanele ezandleni zezigebengu. Ngikhuluma nangamalungu eSAPS. Kumele bayeke ukudabukela izigebengu ngoba izigebengu azinandaba nabo,” eqhuba.
Esithombeni esingenhla: Iphoyisa laseKapa lisindiswe ibhande lalo ngesikhathi bedubulana nabasolwa ngokuduna imoto.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
