Inyama yedube ikulungele ukudliwa abantu

Ingabe usukulungele yini ukwengeza inyama yedube kwizoso zakho zangoMgqibelo ntambama?

Ubufakazi obusha obuvela kososayensi bezilwane eNyuvesi yase-Stellenbosch bubonisa ukuthi inyama yedube ikulungele ukudliwa.

Ukukhiqiza ezinye izinyama ezondile emhlabeni ngesilinganiso esingu-0.5g samafutha ku-100g kanye namazinga aphezulu amaprotheni, i-zinc, i-iron, uvithamini B12 kanye no-omega-3 fatty acids ucwaningo lubonisa ukuthi inyama yedube ibalungele abantu.

Kodwa okubaluleke kakhulu amaprotheni engeziwe angithi?

Ososayensi basenyuvesi bathe lokhu okutholakele kuza njengoba uhulumeni eqeda isu elisha lenyama yezilwane kuleli, kubika i-Business Insider.

Iqhinga lihlelelwe ukuhlolisisa ukwenza ngokusemthethweni, ukuguqula kanye nokwandisa imboni ephethwe yizimpala, izimpunzi, ama-kudu, ama-wildebeest kanye nama-blesbok.

Umfundi enyuvesi yase-Stellenbosch u-Angelique Myburgh uthole ukuthi luncane ucwaningo olwenziwa ngamadube njengomthombo wokudla. Wethule izifundo zakhe ngosizo lukathisha uHelet Lambrechts kanye nowayeyingumphathi womnyango wesayensi yezilwane e-Stellenbosch uLouw Hoffman.

Ngokusho komcwaningi, izilwane ezivunwa ebusika zazikhiqiza amaprotheni amaningi mhlawumbe ngenxa yokwehluka kwesizini ekudleni nasekuziphatheni kokudla.

Wengeze ngokuthi amadube anezinye izici eziwasizayo ngaphandle kwesivuno esihle senyama enempilo.

Zijwayele ngokwesimo somzimba kanye nokuziphatha ukuze ziphile endaweni eyomile esezingeni eliphansi. Zamukeleka kahle ekuphileni kwezinhlobo ezixubile.

“Angagcinwa lapho okunesitokwe esiminyanisa kakhulu kunezilwane ezelusayo ezinobukhulu obufanayo ezindaweni ezinotshani obunomsoco ongemuhle,” esho.

NgoNtulikazi uMnyango wezamaHlathi, ezokuDoba  nezeMvelo washicilela isu lenyama yezilwane elisalungiswa, elithi amadube ahlanganisa u-4.4% wezilwane zasendle zakuleli.

Uma ufuna ukwengeza inyama yedube ekudleni kwakho, ibhusha eligcina inyama yedube KwaZulu-Natal libhala amanani kusizindalwazi njengo-R105/kg we-goulash, u-R110/kg wenyama yokosa kanye no-R190/kg wenyama.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: Idube

Umthombo Wesithombe: Kariega Game Reserve

Izihloko zakamuva