Celani Sikhakhane
Intsha yaseNquthu eNyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal ithathe isinqumo sokuthi isukume ilungise imigwaqo yangakubo emibi ngenhloso yokusiza umphakathi.
Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bathwala kanzima uma kumele beyosiza emphakathini ikakhulukazi uma iyidliva imvula ngenxa yesimo esibi semigwaqo kulendawo.
Umgwaqo wasendaweni yakwaHlazakazi usuneminyaka ungekho esimeni esihle kanti izimvula ezinamandla zangenyanga edlule kaZibandlela zenze isimo sawo saba sibi kakhulu.
Ezinye izinsizwa ezingasebenzi emiphakathini zithathe isinqumo sokuzibambela mathupha ekulungiseni umgwaqo.
Umholi womphakathi u-Ayanda Magubane utshele i-Scroll.Africa ukuthi bekumele bahlangane ukuze basebenzisane ukulungisa umgwaqo esifundeni saseMzinyathi
“Besibhekene nengebhe enkulu njengoba ugandaganda obulethelwe ukulungisa umgwaqo, uhlulekile ngenxa yamatshe amakhulu abeqhamuka ngaphansi komhlaba. Ngesonto eledlule sibe sesinquma ukuthi sithathe amathuluzi ethu simbe amatshe ukuze sizokwazi ukulungisa umgwaqo,” kusho uMagubane.
Uthe le nkinga ingaphezu kwamandla ngoba azikho izimoto ezikwazi ukusebenzisa imigwaqo ngenxa yomonakalo odalwe izimvula ezinamandla.
“Abantu bezimoto ezincane bathwala kanzima kakhulu uma besebenzisa lemigwaqo kuze kubengcono labo abasebenzisa izimoto ezinkulu ngenxa yesimo esibi semigwaqo yethu. Lokho sikwenza njengabantu abasha ngaphandle kokubheka umvuzo ngoba sisiza umphakathi wethu sibe sizisiza kwathina,” kuchaza uMagubane.
Izindawo eziningi zaseNquthu zinemigwaqo ewubhuqu okwenza kube nzima ukufinyelela kalula kwezinye zezindawo.
Imigwaqo kumele ifakwe itiyela ikakhululazi ezindaweni ezivakashelwa izivakashi zakwamanye amazwe ezifana neSandlwane, iMangeni waterfall kanye ne-Blood River.
Umphathi wezokuxhumana kuMasipala waseNquthu, uMnu uThokozani Nyandeni, udlulisele imibuzo kumphathi kamasipala uMnu uSthembiso Mthembu ongatholakalanga ukuba aphawule.