Into ewudoti komunye umuntu iwubuciko komunye umuntu

Kabelo Tlhabanelo

Emehlweni kaTseko Monyamane, udoti namabhodlela otshwala alahliwe kufana nothuli lwegolide.

UTseko, oqhamuka e-Heilbron, e-Free State uwaqoqa ezindaweni zokulahla udoti, awawashe futhi awahlobise ngoboya obumbalabala.

Ngemuva kokuwaguqula abe umisebenzi wobuciko, uwathengisa njengemihlobiso emakhaya abantu.

“Ngiguqula amabhodlela otshwala angcolile abe ubuciko obuhle futhi ngibeke ukudla etafuleni lomndeni wami,” etshela i-Scrolla.Africa.

KuTseko, ubuciko bakhe yindlela yakhe yokuziphilisa, kodwa futhi kunenqubo yomcabango wobuciko ngemuva kwayo.

“Wake wacabanga ukuthi into elahliwe ingathandwa ngabantu abaningi?”

UTseko, osehlala e-Vanderbijlpark e-Gauteng, uthe uyabuthanda ubuciko kodwa bekufanele acabange ngokujulile ukuze ahluke.

Isethi yamabhodlela amathathu idayiswa cishe ngemali engama-R200.

Uthe lena futhi yindlela yakhe yokonga imvelo.

“Nginxusa abantu ukuthi basebenzise amathalente abo abawanikwe uNkulunkulu ukuze baziphilise. Udoti womunye umuntu kungaba ukudla okulandelayo komunye umuntu,” esho.

UThabang Leeuw, oyikhasimende, uthe uthenge isethi yamabhodlela ahlotshisiwe kuTseko ngemuva kokubona umsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Izihloko zakamuva