Inkonjane iwele enkundleni Ngesikathi siphekwa ngemibuzo isikhulu sase-Nigeria siqulekile – noma engabe kwenzeke ngempela yini lokhu?

UDaniel Pondei, inhloko ye-ejensi yokuthuthukisa uhulumeni, ubephekwa ngemibizo ikomidi lephalamende.

Ngesikathi ecelwa ukuthi achaze izinkokhelo ezenziwe ezinkampanini ezizimele ezivela zingahambi ngomthetho, uye washayeka phambili.

Waquleka, wajuluka kakhulu, waqukulwa wakhishwa lapho kade kuqulwa khona icala.

Iphephandaba i-The Guardian Nigeria ibike ukuthi ” amanye amalungu ekomidi… abone sengathi izenzo zikaPondei beku ngezokuzenzisa”.

Njengoba iziqeshana zevidiyo kade zisabalala ezinkundleni zokuxhumana kuleli viki, imibuzo ayikaze iphenduleke.

Izihloko zakamuva